UMDLALO we-Betway Premiership phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns umqoka ngezindlela ezahlukene kubaqeqeshi bala maqembu, uNasreddine Nabi noManqoba Mngqithi.
IChiefs neSundowns abayiqale ngamawini amabili ancomekayo isizini, bazodudulana embangweni wamaphuzu amathathu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
Indlela la maqembu ayiqale ngayo isizini ikhomba ukuthi lo mdlalo ungase ube namagoli okufakazelwa ukuba bukhali kwawo phambi kwamapali kweyeligi yakamuva.
ISundowns eqhwakele kwi-log, inqobe ngo 2-0 kwiSuperSport kowokuvula isizini, yalandelisa ngokucoboshisa iMarumo Gallants ngo 4-1 maphakathi nesonto kowesibili.
Ngasohlangothini lwaMakhosi okufana nokuthi abunjwa kabusha ngaphansi kukaNabi, avule eyeligi ngo2-1 kwiGallants, ase ebhudluza AmaZulu FC ngo 3-1 ngoLwesithathu. Emidlalweni yeChiefs omunye wabadlali abagqamile uGaston Sirino, omusha kuyona njengoba ubeyibamba kwiSundowns kumasizini adlule, wanqoba izicoco ezehlekene nayo.
UNabi umncome kakhulu lo mdlali wasesiswini.
"Sijabule kakhulu ngoSirino nangalokhu akulethayo eqenjini. Uyisibonelo esihle kulaba badlali abasebancene futhi ufaka umoya omuhle wokuzimisela kubona. Ungumdlali ozinikelayo, okwaziyo nokuthi abuye azosiza nasemuva. Ungulolu hlobo lomdlali esiludingayo njengoba ngake ngasho phambilini ukuthi sidinga abadlali abaseqopheleni eliphezulu,“ kusho uNabi.