IBAMBA mqeqeshi kwiMilford, uNhlanhla Hlongwa, liveze ukuthi alikakakulungeli ukuzithatha ngokugcwele izintambo njengoba libona ukhakhayi lungakaqini kulo msebenzi.
Leli qembu likaDkt Xinti Pupuma, liphinde lathola iphuzu libambana ngo-1-1 neMagesi koweMotsepe Foundation Championship, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Nasemdlalweni owandulela oweMagesi libuye nephuzu ekuhambeni kwiPretoria Callies libambana nayo ngeqanda. Kuyona yomibili le midlalo izintambo bezibanjwe uHlongwa ocija elinye iqembu likaPupuma elidlala kwi-ABC Motsepe League.
Ubanjiswe ngemuva kokukhonjwa indlela kuka-Asanda Mvalo obephikwa imiphumela.
Ngaphansi kukaMvalo bashaywe kuyona yonke imidlalo yokuqala isizini yeMotsepe Foundation Championship.
UHlongwa uveze ukuthi kule midlalo emibili yeChampionship ufunde lukhulu. Ebuzwa ukuthi angazemukela yini izintambo uma enganikwa zona, uthe ngeke alenze lelo phutha.
"Ukhakhayi lwami lusemanzi te, ngeke ngiwuvume noma uDkt Pupuma eseguqa ngamadolo. Ngibambe lo msebenzi ngoba kuphoqa isimo. Kule midlalo emibili bengingasebenzi ngedwa, ngithole olukhulu usizo kozakwethu eqenjini. Abaphathi bami bakhiphe imali eningi bethenga ilungelo lokudlala kulesi sigaba. Balindele ukuzuza ngalokho. Angifuni-ke mina ukungcolisa igama lami lingakachumi. Ngizoqhubeka nokuyibamba kwi-ABC Motsepe League. Ngizoqeqesha kwiPSL uma sesifikile isikhathi, kubeka uHlongwa.
Emdlalweni neMagesi uPupuma ubonakale izikhawu eziningi ekhipha imiyalelo ebibheke ebhentshini.
Lesi sikhulu sihambe emazwini afanayo okuthi ngeke balenze iphutha lokuqasha uHlongwa.
Siveze ukuthi uHlongwa uzohlala okukugcina ebhentshini emdlalweni wabo neCasric Stars, ngoMgqibelo, eGiyani Stadium.
"Uma siqeda lo mdlalo sizoqala ikhefu leFifa. Yilapho-ke esizothola isikhathi esanele sokuthola umqeqeshi onamava. UHlongwa wenze umsebenzi oncomekayo. Asifuni ukumjaha, sifuna azihambe zonke izigaba. Uzobuyela kwi-ABC Motsepe League," kubeka uPupuma.
Ebuzwa ukuthi ibithini le miyalelo abeyithumela ebhentshini kuqhubeka umdlalo, uthe: "Isimo esikuso sidinga ukuthi sibambisane ngayo yonke indlela. Besibambisene nesisebenza nabo, sizama ukulekelela umqeqeshi. Kusisebenzele lokho.“