UPIKLA ngokuthi angathatha kwasani oluphambi kwakhe uma iqembu lakhe lingaba nemali yokumthengela abadlali, uSead Ramovic ocija iTS Galaxy ezobhekana neStellenbosch ngeSonto, kowama-quarterfinal eMTN8, ngo-3 ntambama, eDanie Craven Stadium.
Lo mdlalo ufaniswa nowamagqubu njengoba ngesizini edlule iStellies yaqumba phansi ezikaRamovic kowamanqamu eCarling Black Label Knockout.
URamovic ungomunye wabaqeqeshi abafike kuleli bazakhela igama ngenxa yobuhlakani.
Selokhu afika kuleli ngo-2021, iThe Rockets useyophendule elinye lamaqembu ayingozi.
Ngesizini edlule, uyifake okokuqala kwiTop 8 phezu kokuba iqembu lakhe belidayise izilomo zabadlali abayisikhombisa.
Ngaphandle kokuthi ubehlale engcofana noRhulani Mokwena obecija iMamelodi Sundowns, uphinde wazakhela igama ngokuphendula izilomo abadlali abebengaziwa nokuthi bayini.
Ngaphambi kokuqala kweka-2024/25, ezakhe sezidayisele iKaizer Chiefs, unozinti uFiacre Ntwari waseRwanda, uLehlohonolo Mojera ojoyine yona iStallies nobengukaputeni uPagiso Senoka osekwiSuperSport United.
Usayinise abayisishiyagalolunye. Kubo kubalwa uVictor Letsoalo obekuMaZulu, Thamsanqa Miya obedlala kwiSekhukhune United, Siphesihle Maduna obegijima kwiCape Town Spurs, noKhulumani Ndamase obekwiChiefs.
Ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zeMTN8, ubuze abezindaba ukuthi yiliphi iqembu eminyakeni ewu-20 eyedlule eladayisa abadlali abayisikhombisa bezinga eliphezulu maqede lagila ezibukwayo kwiligi?
"Impendulo ithi alikho. Ngesizini edlule, sidayisele amaqembu amakhulu iziklwibhisi eziyisikhombisa. Namanje sidayisele amaqembu ezintathu. Lokhu kutshengisa isinye isithombe ngokukhiqizwa kwabadlali eqenjini lethu. Sizoqhubeka nokwenza umsebenzi oncomekayo," kubeka uRamovic.
Uthe nakuba kukuhle lokhu kodwa kumenza ahlale eqala phansi.
"Sidayisa laba badlali sibe singenayo imali yokuthenga abanye. Iningi silithola mahhala, kwiMotsepe Foundation nasezikhungweni ezithuthukisa abadlali.“
URamovic uthe uma abaqashi bakhe bengase babe nemali yokuthenga abadlali angaqoqa kwasani oluyinkomishi.
"Wonke umqeqeshi uyathanda ukuthengelwa abadlali bezinga eliphezulu. Uma ngingase ngithole inhlanhla kungaba lula ukunqoba iligi, iChampions League nezinye izinkomishi. Uma ungenayo imali kunzima ukuzuza lokhu.“
Mayelana nokubhekana neStellies, uthe: “Sizodlala neqembu elinzima, elishaya ngabadlali nethimba labaqeqeshi bezinga eliphezulu. Nokho lizofika sililindile. Ngenhlanhla sidlale eyobungani ebinzima. Isicije kakhulu le midlalo. Okusele ukuthi sesibenzise esikufunde kuyo. Ukuqhubeka nokwenza kahle phezu kokuba kunzima kwenza kulindeleke lukhulu kithina."