UMDLALI weKaizer Chiefs uKeagan Dolly uzwakala elindele ukubhekana nanoma yisiphi isimo uma kuziwa ekuqokelweni eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Emasontweni edlule kuke kwaba nomsindo, wokwehlukana kwemibono ngokungabibikho kwabadlali beChiefs kwiBafana Bafana edlale neLiberia kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
Kunabathi nakuba iChiefs idlala ugingqigongqo webhola kodwa uDolly ubekufanele ukubizelwa kwelesizwe.
UBroos ucashunwe ethi nakuba esenalo emqondweni iqembu azoya nalo kwi-Afcon e-Ivory Coast ngonyaka ozayo kodwa akusho ukuthi amasango asevaliwe kwabanye abadlali.
UDolly ekhuluma nabezindaba muva nje ekhaya leChiefs, eNaturena, uzwakale ezimisele ngokwamukela noma yini uma kuziwa ekuqokweni kweBafana.
"Ngesingami, kule minyaka (30) nakwizinga esengikulo uma ngibizelwe kwelesizwe, ngizimisela ngakho konke enginakho.
“Uma ngingaqokelwanga kulo ngizinika isikhathi sokuhlala nomndeni wami kanti okusemqoka wukusiza iKaizer Chiefs.
“Kuhlale kuyisifiso sami ukusiza izwe lami ekungeneni emiqhudelwaneni yomhlaba. Nokho njengamanje ngigxilise wonke umqondo kwiKaizer Chiefs.
“Siyabajabulela ozakwethu ngokukwazi ukufaka elakuleli kwi-Afcon kanti kasazi ukuthi emidlalweni elandelayo kuzoqokwa baphi.
“Labo abazoqokwa kumele benze isiqiniseko sokuthi badlala kahle ukuze iNingizimu Afrika izoziqhenya ngabo,“ kusho uDolly.
UDolly uqale ukudlalela elesizwe lika-Under 23 ngo-2014 ngaphansi kuka-Ephraim "Shakes" Mashaba. IBafana Bafana useyidlalele ewu-23.
Ugcine ukubonakala kuyo ngoMashi 29 nyakenye, elakuleli lihlulwa yiFrance ngo 5-0 kowobungani.
IBafana izodlala olandelayo wokuhlunga ngoJuni neMorocco ezihola ku-Group K.
UBroos uthe lo mdlalo uwuthatha njengowokungcweka nokungachaza ukuthi angawusebenzisa njengowokuhlola abadlali abengababizanga kweyeLiberia.
Ngakolunye uhlangothi iChiefs kaDolly isembangweni wokuzifaka emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.
Amakhosi abalwa namaqembu amathathu anamaphuzu awu-40 ngemuva kweMamelodi Sundowns engompetha beDStv Premiership.
Isendaweni yesine kanti ukuqeda endaweni yesibili kwi-log kungayifaka kwiChampions League. Uma ithola eyesithathu izodlala kwiConfederations Cup.