NGEKE agxumele noma imuphi umsebenzi oqhamukayo, uShaun Bartlett, osanda kuhlukanisa ifindo lomshado neCape Town Spurs ayikhuphulele kwiDStv Premiership.
Ukushaywa emidlalweni eyisikhombisa yokuqala kwiligi enkulu kuleli yikhona okugcine kuqhatha uBartlett nabaphathi, bagcina ngokumchitha.
UBartlett oyinkakha yeBafana Bafana ukhulume neSolezwe ngempelasonto kulandela ukuxoshwa kwakhe eqenjini abenezinyanga ezintathu elule kulona inkontileka abenayo ngeminyaka emibili.
“Akumnandi ukuhlukana nomndeni wakho kodwa sonke siyazi ukuthi lo msebenzi wethu uxhumene kakhulu nemiphumela okuyinto ebesingenayo inhlanhla yayo kwiSpurs,” kusho uBartlett.
Lo mqeqeshi usindise iSpurs ezembeni kumasizini amabili adlule kwiMotsepe Foundation Championship, walandelisa ngokuyikhuphulela ezweni lesethembiso kwi-Premiership ngedlule.
Akuzange kuhambe ngendlela obekuhlelwe, iSpurs ivule isizini ngenduku.
Ngenxa yalokhu, umndeni wakwa-Efstathiou ophethe leli qembu uphoqelekile ukuthi uhlukanise nalo mqeqeshi.
“Angiyena umuntu okhonze ukuhlala angenzi lutho ngakho-ke uma umsebezi uqhamuka ngizowuthatha kodwa nalapho kufanele kube ohambisana nalokhu engikholelwa kukhona.
“Ngeke ngigxumele nanoma imuphi umsebenzi ozoqhamuka ngoba izinkinga ziqala lapho. Ngizolalela kahle ukuthi bathini laba esesiqalile ukukhuluma nabo bese sisithatha lapho isinqumo,” kuqhuba yena.
UBartlett akazange athande ukunaba ngamagama amaqembu ameshelayo kodwa uthe mathathu noma mane esigabeni esikhulu.
“Ngenhlanhla asihlalanga isikhathi eside kuthule kepha akhona amaqembu amane noma amathathu aseqalile ayakhuluma nathi kodwa njengoba ngishilo, okuzokwenzeka kuzobe kulandela inhliziyo yami ngoba iyona okufanele ingivumele ukuthi ngiwuthathe noma ngiwuyeke umsebenzi,” kuphetha yena.
Emdlalweni wokuqala, kaVasili Manousakis, oqashwe njengephini, leli qembu liphinde lakhala ngaphansi ngo 2-1 kwiSuperSport United.
Emuva kwalowo mdlalo, uSean Connor, naye osanda kuqashwa njengosomaqhinga kwiSpurs kodwa osabambisebe noManousakis ebhentshini, uthe sekuseduze bamthole umqeqeshi ozovala isikhala sikaBartlett.
ISpurs esagingqa iqanda emaphuzwini, izobuyela enkundleni neStellenbosch ngo-Okthoba 28.