KUNGENZA umahluko kwezebhola labesifazane ukuthuthukiswa ngolwazi kwabaqeqeshi besifazane.
Lona wumbono kaNtombifuthi ‘Muchichwa’ Khumalo, umqeqeshi weDlala Ntombazane FC, egijima ngaphansi kweSafa KwaZulu-Natal Sasol League. Ukholwa wukuthi ukuthuthukiswa ngolwazi kwabaqeqeshi besifazane kwezikanobhutshuzwayo kungenza umehluko ekufukuleni isifundazwe nozwelonke.
UKhumalo osengumakadebona ekuqeqesheni, ubambe elikhulu iqhaza nethimba lakhe labaqeqeshi ngojanuwari nonyaka, ekusizeni leli qembu lase-Edendale, eMgungundlovu, lidle umhlanganiso kumaPlay-Off esifundazwe eSafa Regional Women’s League. Lakhushulelwa esigabeni seSasol League.
IDlala Ntombazane, engomakoti kwiSasol League kule sizini ka-2023, kubukeka isayibambe ngohlelo ngoba kumanje iphakathi kwamaqembu amane aphezulu kwi-log ka-Stream A yeSafa KZN Sasol League, emuva kwemidlalo emihlanu. Isawine emithathu, yehlulwa kwemibili.
Kanti namhlanje ngo-1 ntambama, izobhekana neDUT Midlands, eFNB Wadley Stadium, e-Edendale, eMgungundlovu.
“Ngiyafisa ukuthi abezindaba nabaholi beSafa bayihambele le midlalo yethu yeSasol League, ikakhulu lapha eKZN, ukuze babone izinselelo esisabhekene nazo kule ligi yethu yebhola labesifazane,” kubalisa uNtombifuthi, umqeqeshi weDlala FC.
Ephawula ngezinselelo zamaqembu esifazane ubeke kanje: “Iningi lamaqembu adlala kulesi sigaba awakakwazi ukulungiselela imidlalo ngendlela efanele. Kanti amanye awanayo nendlela yokudlala eqondile, ‘adlala nje usiyohlangana phambili’.
“Ukuze ibhola labesifazane likhule kufanele kuthuthukiswe abaqeqeshi besifazane ngolwazi lokuqeqesha, okuyibona abazokwazi ukuhlonipha ibhola labesifazane. Abanye abaqeqeshi abkulesi sigaba seSasol abanandaba nokukhula ekuqeqeshenI futhi abanandaba nekusasa labadlali abaqeqeshayo. Yingakho kufanele iSafa ikubeke eqhulwini ukuthuthukiswa kwabaqeqeshi besifazane,” kunxenxa uKhumalo, oke waqeqesha iDurban Ladies.
Ebuzwa uKhumalo ngomgomo wabo kule sizini yokuqala esigabeni seSasol League, usho ngokungananazi ukuthi bazolwela ukuncintisana namaqembu abanga isicoco seligi, hhayi ukuzogcwalisa isikhala.
“Yize sidlala ngeningi labadlali abasebancane ngoba inhloso yethu kuleli qembu nesikhungo sethu wukuthuthukisa nokukhulisa abadlali. Kodwa njengoba sesidlala kulesi sigaba seSasol futhi nabadlali bethu sebeqalile ukuzethemba, ngeke sizithele ngabandayo.
“Inhloso yethu wukulwela ukuwina kulesi stream esikuso, sincintisane namanye amaqembu abanga isicoco seligi. Ulwazi enginalo ngokuqeqesha esigabeni seSasol, nabadlali abambalwa abanamava okudlala kulesi sigaba esikwazile ukuqinisa ngabo isikwati, yikho okungenza ngiqine idolo.”
Leli qembu elimenejwa nguNokuthula Gumede, liqinise isikwati ngabadlali abathathu abanamava okudlala kwiSasol League, okunguNonhlanzeko Gwala odlala esiswini, noGabisile Dlamini odlala emuva, bobabili abasuka kwiTottenham Ladies, noMpilwenhle Ngubane ongunozinti, osuka kwiDUT Midlands.
Imidlalo yeSafa KwaZulu-Natal Sasol League:
Kusasa ngo-1 ntambama:
Ku-Stream A:
UKZN FC v Sunflower Wfc (UKZN Howard College); Newcastle Ladies v Ayaphila (Osizweni Stadium); Dlala Ntombazane FC v DUT Midlands (FNB Wadley Stadium ); Umlazi Arsenal v DUT Coastal WFC (Mangosuthu Sports Field)
Ku-Stream B:
UniZulu Ladies v Lindelani Ladies (UniZulu Grounds); Shooting Stars v Westville United (Tara Road); Young Fighters v Makhanisi (Nkanini Grounds); White City v Sapphire Ladies (Ngwelezane New Fields)