IMARUMO Gallants FC nohulumeni wakuleli bathi basebenza kanzima ukuxazulula udaba lokubuya kwabasebenzi ababili baleli qembu abagcinwe ehhotela eLibya ngenxa yesikweletu okufanele sikhokhwe yiqembu.
IBahlabane Ba Ntwa ilibangise kuleliya lizwe eliseNyakatho ne-Afrika ukuyobhekana neqembu lakhona, i-Al Akdhar, emdlalweni weCaf Confederation Cup ngoMashi 19, yagcina inqotshwe ngo 4-1.
Abasebenzi ababili beGallants, uRufus Matsena, ongumxhumanisi weqembu nabezindaba nobhekene nokululama kwabadlali uTebogo Dhlomo, basale ehhotela eliseLibya njengoba iqembu lingakwazanga ukukhokha imali ebeliyikweleta umnikazi walo, uDkt Ali Elzargha.
Ekhuluma ohlelweni iSport Night Amplified esiteshini somsakazo iMetro FM ngoMsombuluko ebusuku, u-Elzargha uthe bavumelana nosihlalo weMarumo, u-Abram Sello ukuthi laba basebenzi basale ngemuva kuze kuba iqembu likhokha isamba semali esingu-37 000 USD, okuyimali elinganiselwa ku-R659 000.
U-Elzargha uthe ngaphandle kwezindleko zasehhotela, waphinde wathengela leli qembu amathikithi ebhanoyi nejezi elalisebenzisa ngesikhathi lidlala ngemuva kokuthi eminye imithwalo yalo ingafikanga eLibya isuka eTurkiye.
“Sonke besicabanga ukuthi kuzoba yinto yosuku olulodwa noma ezimbili kodwa manje sekungaphezulu kakhulu kwalokho.
”Abasebenzi beMarumo bahleli kahle ehhotela, siyabanakekela futhi bayakwazi ukuphuma, kodwa sibheke ukuthi usihlalo afeze isethembiso sakhe akhokhe imali ukuze babuyele ekhaya ngokushesha.
“Okudumazayo ukuthi angisakwazi ukuxhumana naye ocingweni usihlalo futhi nabasebenzi bakhe bayahluleka ukumthola uma bemzama.
“Angiyena umuntu onenhliziyo embi noma oyisixhwanguxhwangu, yingakho ngikwazile ukulekelela iqembu kwasekuqaleni, kodwa angizwani nabantu abaphula izethembiso, ” kuqhuba u-Elzargha
IGallants ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi imatasatasa izama ukulungisa isimo ukuze abasebenzi babuyele ekhaya maduze.
"Abaphathi beMarumo Gallants FC bayaxhumana nezikhulu ezifanele ukuzama ukuxazulula isimo saseLibya esibandakanya abasebenzi ababili beqembu ababalulekile," sifundeka kanjalo isitatimende seqembu.
“Ngemuva komdlalo weCAF Confederation Cup ne-Al Akhdar yaseLibya ngoMashi 19 abasebenzi ababili beqembu, uRufus Matsena noTebogo Amos Dhlomo, bavalelwe ehhotela laseLibya ngenxa yokungavumelani ngezimali.
“Abaphathi beMarumo Gallants bayaxhumana nalaba basebenzi, bakuqinisekisile ukuthi baphephile futhi balinde ukuthi kulungiswe udaba. Uma udaba seluxazululiwe, iqembu lizoyiphendula imibuzo nezikhalo esithangamini sabezindaba."
Oyinhloko yoMnyango wezobuDlelwano Namazwe Angaphandle, uClayson Monyela, uthe sebeqalile ukuxhumana neziphathimandla zaseLibya ukuzama ukuxazulula lolu daba.
“Singuhulumeni waseNingizimu Afrika sesixhumene nozakwethu baseLibya mayelana nodaba lwezakhamuzi zakuleli ezigcinwe ehhotela lakhona.
“Usihlalo weMarumo Gallants ubhalele uNgqongqoshe uNaledi Pandor ecela ukuthi uhulumeni angenelele ukuze bakhuluwe,” kusho uMonyela ekhuluma kwiMetro FM.
“Sicele nenxusa lethu elizinze eTunisia ukuthi libhekane nalolu daba lokuxhumana neziphathimandla zaseLibya. Sizophinde futhi sihlangane namanxusa aseLibya ePitoli ukuze sithole impendulo mayelana nokukhululwa kwezakhamuzi zakuleli. Siwuhulumeni sinethemba lokuthi sizobabuyisela emakhaya.
“Udaba lwengxabano ngezimali phakathi kweqembu nehhotela siyaluzwa kodwa kunezinye izindlela abaphathi behhotela abangazisebenzisa uma bengajabule ngemali ekhokhiwe.
“Ukuthumba abantu kuyicala futhi uhulumeni waseNingizimu Afrika ngeke uvume ukuthi abantu bakithi bathunjwe noma babanjwe ngenkani.
“Yilesi sizathu esenze singenelele kulolu daba ukuze bakhululwe futhi siyaqinisekisa ukuthi bazobuyela ekhaya maduze,” kuqhuba isitatimende.