UMKHONTO ogwaza ekhaya iwona ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli kwi-Euro 2024 eqhubeka eGermany ekubeni abagadli abafike kuyona bethwelwe ngeqoma ngokubhakuzisa kwenethi lisomisile kubona.
Njengoba i-Euro ka-2024 isingena kuvuthondaba kuyaqapheleka ukuthi ayagqoza amagoli kubagadli okuqale umqhudelwano bebhekiwe kwabazobhakuzisa inethi.
Ngaphambi kwemidlalo yayizolo yokusonga eyamaqoqo umkhonto ogwaze ekhaya ubusugadle amahlandla ayisikhombisa.
Abadlali abahlanu ababebesaphumelele ukuyibhakuzisa amahlandla amabili kuphela inethi njengoba onke amaqembu esizwe esedlale amahlandla amathathu.
UCody Gakpo weNetherlands, Georges Mikautadze weGeorgia, Ivan Schrans waseSlovakia noJamal Musiala benoNiclas Fullkrug bobabili beGermany, ibona kuphela abasaphumelele ukubhakuzisa inethi amahlandla amabili.
Umkhonto ogwaza ekhaya wakamuva ubhakuziswe enethini yangakubo uDonyell Malen weNetherlands, ozihola phambili ngokulishaya ngokushesha ngasekhaya emlandweni we-Euro.
UMalen ungene emlandweni omubi wokuba uyena olishaye ngasekhaya ngokushesha kunabo bonke emlandweni we-Euro kusukela ngo-1958, kwazise lingene ngomzuzu wesithupha.
Akufanele kwethuse nokho ukuthi maningi ngale ndlela amagoli angena ngasekhaya kwi-Euro ka-2024 kwazise yinto ejwayelekile kulo mqhudelwano.
Ngesikhathi kusongwa eyamaqoqo kwi-Euro ka-2020 egcine ihlehliselwa u-2021, amagoli abesengene ngasekhaya abeyisishiyagalombili.
Sekungumlando ukuthi kwagcina kungene amagoli angu-11 ngasekhaya ngesikhathi kusongwa lo mqhudelwano obuse-England.
Abagadli abafike kwi-Euro bethwelwe ngeqoma okuhlanganisa nokaputeni we-England, noweFrance, ngokwahlukana, uHarry Kane noKylian Mbappe, basaphumelele ukuyibhakuzisa kanye inethi.
IFrance ne-England bagcine bedlulele kwi-last 16 kodwa okuqaphelekile ukuthi uMbappe ushaye igoli elilodwa kade kuyiphenathi bebhekene nePoland kwathi uKane wasiza i-England ibambana ngo 1-1 neDenmark koka-Group C.
Abagadli abafana noRobert Lewandowski wePoland baphoxile yize engazange wuqale umqhudelwano ngenxa yokulimala.
ULewandowski ulitholile elokubika kowokusonga iqoqo wePoland ebisivele iliwashile ijezi kanti omunye wabagadli obekubhekwe lukhulu kuyena uRomelu Lukaku, (osephikelwe amagoli i-VAR amahlandla amathathu).