Mamelodi Sundowns (0) 0
Polokwane City (0) 0
USALE ecasukile umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ngemuva kokuthi ezakhe zibanjwe yiPolokwane City ngo 0-0 emdlalweni wokusonga unyaka weDStv Premiership, eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ebusuku.
UMokwena ekhuluma kwiSuperSport ngemuva komdlalo, akazange abe namagama amaningi mayelana nomdlalo.
Ebuzwa ukuthi ngabe uwubone kanjani umdlalo, uthe: “Uyifuna ngempela impendulo yalokho? Uma ngingakusho engikucabangayo ngingaba senkingeni enkulu kabi.”
Uqhube wathi: “Akukho okunye okungale engingakusho engingathi bekungenziwa abadlali bami. Besibhekene nePolokwane City eyiqembu elinzima. Akukho okunye ebesingakwenza sibe sibhekene namaqembu amabili.”
Lo mqeqeshi akagcinanga lapho ngemuva kokubuzwa ukuthi kukhona okuhle angakuphawula ngeqembu lakhe njengoba kusongwa umzuliswano wokuqala beqhwakele, uthe: “Ukhuluma ngalo mdlalo lo. Engingakusho nje wukuthi ibhola laseNingizimu Afrika lisenkingeni.”
Yize uMokwena engazange aphumele obala ngokumdlayo kodwa okucacile ngesikhathi kuqhubeka umdlalo wukuthi yena nebhentshi lakhe abazange basijabulele isinqumo sikanompempe, u-Akhona Makalima ophike igoli ebelishaywe, uPeter Shalulile esiwombeni sesibili salo mdlalo.
UMakalima ngemuva kokubonisana nomsizi wakhe, baliphikile igoli, kuthiwa uThemba Zwane udlalise kabi umdlali wePolokwane.
Nangesikhathi sekuphela umdlalo uMokwena ubonakele esakhuluma nonondweba kucaca ukuthi kukhona angeneme ngakho.
Ngasohlangothini lweRise and Shine, umqeqeshi, wayo, uPhuti Mohafe, ulijabulele iphuzu, eveza ukuthi iSundowns bayivumele ukuthi iligcine ibhola kodwa bangayivumela ukuthi ithole izikhala zokulisebenzisa ngendlela.
ISundowns izoya ekhefini isaqhwakele esicongweni se-log ngamaphuzu awu-35 emidlalweni engu-13. Amanye amaqembu azosonga unyaka esenemidlalo ewu-15 nengu-16. IPolokwane inamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-16. Lona bekuwumdlalo weligi wesibili kulandelana, amaBrazilians ededela amaphuzu. Kodlule abanjwe yiCape Town City ngomphumela ofanayo. Ngaphambi kwalokhu abeseqede imidlalo ewu-11 engayazi induku kwiligi.
Esiwombeni sokuqala okuqaphelekile ukuthi iPolokwane itshengise ukungayesabi iSundowns. Izitobha zayo uLebohang Mkaki, Bulelani Nikina, Tholo Matuludi bezala ukhasha uma izingwazi zamaBrazilians uZwane, Marcelo Allande, Lucas Ribeiro zizama ukuyihlanganisa phambili.
Nasesiswini sePolokwane badlale kahle uGiven Mashikinya, noMokibelo Ramabu.
Phambili izitobha zeSundowns bezimiswe kabi uDouglas Mapfuma obeqhamuka neminyakazo eyingozi.
Ngoka-40 kucishwe kwalalwa kungadliwe, uMashikinya ethi uyamqeda unozinti weSundowns, uRonwen Williams obefana nobeseholidini kulesi siwombe. Empeleni nakowezitha, uManuel Sapunga bekungesifanayo.
Kwesesibili iSundowns ilikhuphulile izinga, isihlasela iphindelela kodwa kungenzeki lutho.
Ngomzuzu ka-71, uShalulile ulivalelile phakathi leli eligcine liphikwa.
Ngasekupheleni komdlalo abadlali bezikaMokwena bese bekhombisa ukuxhamazela bekhahlela bekude, nokuyinto abengayijabuleli lo mqeqeshi.
ISundowns izobuyela ensimini koweligi ngoFebhuwari 14 neLamontville Golden Arrows, eMpumalanga Stadium.
Ngosuku olufanayo, iPolokwane izokwamukela iRichards Bay, e-Old Peter Mokaba Stadium.