LIPHUME nobovu kubalandeli beKaizer Chiefs ebikade isibimi emphinjeni indaba yemiphumela yaleli qembu ezandleni zikaMolefi Ntseki. Lo mqeqeshi ongakaze abe nalo ugazi selokhu aqala kulo msebenzi uchithiwe esihlalweni ngoMsombuluko , iqembu lamemezela uCavin Johnson njengebamba.
Lokhu kuqinisekiswe yisitatimende esikhishwe yileli qembu lapho lidalule ukuthi bavumelene nalo mqeqeshi ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ashenxe esikhundleni abesiphethe.
Bese kucacile ukuthi isikhathi sikaNtseki siyaphela njengoba ezisholo ngokwakhe ukuthi ulindele noma yini kulandela esinye isigameko esenzeke e-FNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku lapho kudingeke ukuthi aphume ngasamagundane enkundleni, abalandeli bemjikijela ngamabhodlela.
Club Update
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) October 23, 2023
Cavin Johnson will take over as the First Team coach on an interim basis.
Current assistant coach, Dillon Sheppard will retain his position under Johnson.https://t.co/ektYRGBARu#Amakhosi4Life pic.twitter.com/53yFqP5jCe
Abalandeli bebewotha ubomvu ngemuva kokuthi iChiefs iphinde yawashiswa ijezi emqhudelwaneni womkhumulajezi, ishaywa AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni weLast 16 weCarling Black Label Knockout Cup.
Bekungokwesithathu abalandeli betshengisa ukungeneliseki kwabo ngalo mqeqeshi ngokuphosa amabhodlela nokunye enkundleni. Kwenzeka nangesikhathi bedliwa yiTS Galaxy neSuperSport United emidlalweni yeligi.
UJonson, onikwe isikhundla sokuba yinhloko yenkulisa yaMakhosi ngenyanga edlule, uyena osezothatha izintambo njengebamba, alekelelwe nguDillon Sheppard, obengelinye lamaphini kaNtseki.
Elinye iphini u-Arthur Zwane, uNtseki athathe kulona izintambo, lizobuyela emaqenjini amancane eChiefs, okuyisikhundla ake asibamba phambilini.
“Ngithanda ukubonga umqeqeshi uNtseki ngeqhaza lakhe selokhu afika kuleli qembu, emazingeni aphansi naseqenjini elikhulu. Simfisela impumelelo kukho konke asahlose ukukwenza,” usho kanje uMqondisi wezeMidlalo kwiChiefs, uKaizer Motaung Jr, kwi-website yeChiefs.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Umdlalo wawo olandelayo kuzoba ngoweligi neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo.