UNOZINTI weLamontville Golden Arrows, uSifiso Mlungwana, ubhoboke ngokushiswa yindawo abebehleli kuyo kwi-log ngaphambi kokuqoqa amaphuzu agcwele ngoLwesithathu ebusuku kwiMarumo Gallants, abayihlule ngo 3-2 kwiDStv Premiership, KwaMashu.
UMlungwana oyitakule kaningi i-Arrows emdlalweni, yagwema ukwehlulwa okwesithathu kwiligi kulandelana, uchaze iwini yabo njengebidingeka ukuze basuke esiyingini sezembe.
“Bekumqoka kakhulu ukuthi siqoqe amaphuzu amathathu ngoba indawo ebesihleli kuyona ibingasifanele. Yingakho ngibonga uMdali nabo bonke ozakwethu ngokungeseka ekutheni ngifake isandla sisuke kuyo (indawo abebehleli kuyona kwi-log),” kuchaza uMlungwana.
Abafana Besthende banombele bahlala endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngemva kokuwina nokumjabulise kakhulu uMlungwana, obekhluma kwiSuperSport emuva kokuqokwa njengomdlali ovelele, ePrincess Magogo Stadium.
“Indlela amaqembu asondelene ngayo ngokwamaphuzu kule sizini, wukuqhuzuka nokukuhlehlisa nyova ngakho-ke la maphuzu azoklama indima enkulu ukusibuyisela la sicabanga ukuthi sifanelwe wukuhlala khona kwi-log,” kusho uMlungwana.
“Size kulo mdlalo sikuqonda kahle ukuthi ukuzithambisa akwanele ngoba indawo ebesihleli kuyo ibisishisa uma uzoqaphela ukuthi lincane kangakanani igebe elikhona phakathi kwamaqembu asezansi nalawa abukeka ehleli kahle okwamanje,” kusho unozinti.
Kumanje nguyena okhonyayo esikimini asibanga noSiyabonga Mbatha noNkosingiphile Gumede.
Kanti omunye wabaqeqeshi be-Arrows, uVusi Vilakazi, uhambe emazwini kaMlungwana ngendawo abebehleli kuyona.
“Sijabule ngewini nangokuyithatha injengoba injalo imiyalelo kwabadlali kodwa okuhle kakhulu ngayo (iwini), wukuthi isisusa endaweni ebesinganeme ngokuhlala kuyo,” kusho uVilakazi.
I-Arrows izobuyela enkundleni ngeSonto ngo-5.30 ntambama, ngomdlalo wasekuhambeni weligi ne-TS Galaxy eMbombela Stadium, eNaspoti.