UKUNQOBA kweKaizer Chiefs imidlalo emihlanu egcinile yomkhaya baseSoweto, kufanele wukwenza amaphanta atshekele ngasekuyikhipheni phambili emdlalweni wanamuhla kodwa kukhona okujika izinto.
IChiefs ibhekene ne-Orlando Pirates kowomkhaya baseSoweto okuyisemi final yeNedbank Cup eFNB Stadium, eSoweto, namuhla ngo-3 ntambama.
Ngokwesibili iChiefs ingena emalungiselelweni omdlalo womkhaya esikhathini esingaphansi kwesonto kwazise ibuya ekuthelweni isibhaxu sika-1-0 yiSwallows emdlalweni obungoMsombuluko.
Okujika izinto ekutheni irekhodi lakamuva livune iChiefs, yifomu enhle yePirates, esinqobe imidlalo eyisithupha ilandelana kuyo yonke imiqhudelwano.
Bahlezi besho-ke kodwa abawudlalile lo mdlalo ukuthi akusho lutho ukuthi ngubani osefomini kodwa kuya ngokuthi ngubani olambele ukunqoba ngosuku lomdlalo.
Yize kunjalo kodwa ifomu yePirates ukuthi yibo abakulambele kakhulu ukuba nesizini enhle kwazise uma benqoba iNedbank bazobe bengeza kwiMTN8 abavule ngayo isizini.
Ithemba lokuba nesizini ekhumbulekayo kwiChiefs nokho, selilele kuphela ekunqobeni iNedbank kwazise ngeke sebeyolizwa ngendaba ithikithi leCaf Champions League.
IChiefs ngeke isaqeda endaweni yesibili kwi-log kodwa isangaxoxwa eyabo neChampions League uma iSundowns iphetha ngokubuya naso siphila isicoco seChampions League.
Lokho kuzodalwa wukuthi izobe isibuyela njengompetha kulo mqhudelwano eyobe isivikela isicoco ezobe isichome ekhanda.
Yize ifomu ingasho lutho kowomkhaya kodwa umgqigqo wePirates, uzibizela ngokwawo imali yamaphanta.
Abadlali ababhekiwe:
KwiChiefs - Ezintini useyenze eyakhe imidlalo emikhulu uBrandon Petersen kanti umgogodla ophambi kwakhe ngo-Edmilson Dove kuya kuYusuf Maart kuze kuyofika kuMduduzi Shabalala, mhlawumbe, nakhuChristian Saile osedlala njalo ophondweni lwesokudla.
KwiPirates - Ezintini kubukeka kungekho okuzosusa uSipho Chaine kanti uyabuya uThapelo Xoki, phambi kwakhe okushikisha uMiguel Timm kuya kuNdabayithethwa Ndlondlo kanti amagoli azobhekwa kuTerrence Dzvukamanja noMonnapule Saleng.