Royal AM (1) 1
Kaizer Chiefs (1) 2
SEKUCACILE ukuthi kukhona oyedwa phakathi kwezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, ongeke asinuke isicoco seNedbank Cup ngemuva kokuthi ngeSonto ebusuku, la maqembu eqhathwe womabili kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano.
IChiefs ingene kowandulela owamanqamu ngemuva kokwehlula iRoyal AM ngo-2-1esikhathini esengeziwe kuma-quarterfinal, eChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto.
Ezimnyama zona zidlule ngo-5-4 kumaphenathi zikhipha iDondol Stars ngoMgqibelo. Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzohlangana iSekhukhune United neStellenbosch FC. ISekhukhune ihlule iChippa United ngo-2-1, kwathi iStellies yakhipha iMamelodi Sundowns ngomphumela ofanayo.
Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa ngempelasonto kaMeyi 6/7. Izinkundla nezikhathi kusazomenyezelwa.
Ukunqoba kweChiefs kwiRoyal AM kufanele wukuthi kubuyise ithemba kubalandeli bayo ngesicoco kule sizini. Ngakolunye uhlangothi, eZimnyama zona sezinaso isicoco kule sizini kulandela ukunqoba iMTN 8. La maqembu asehlangane kabili kule sizini kwiligi, kwadlula ezaseNaturena.
Emdlalweni waseChatsworth, iRoyal AM yiyona ebone inethi kuqala ngomzuzu ka-29, ngebhola elingqomfelwe phakathi wuSamuel Manganyi obesuka ebhentshini engena endaweni kaHappy Jele, olimale kusaphele imizuzu engu-20 umdlalo uqalile, edonseka umsipha.
IChiefs ibe seyithola elokulinganisa ngomzuzu ka-37 umkhonto ugwaza ekhaya ngenkathi uThabo Matlaba we-Royal AM ezama ukususa umhlola ekhaya ngekhanda kulandela ibhola elide ebeligotshwe umdlali weChiefs, uSifiso Hlanti. Zibe seziya ekhefini zibambene ngo 1-1.
Okuqaphelekile odongeni lwasemuva lweChiefs, ukubuya kukaReeve Frosler owayegcine ukudlala ngoJanuwari 29 koweligi, nokho obe nomdlalo omuhle.
Ngesiwombe sesibili, iChiefs ibicindezela futhi ikhombisa ukuba yingozi uma ihlasela, yacishe yathola igoli ebizolibeka phambili ngenkathi inguzunga yeshodi likaSiyethemba Sithebe ishaya ipali ngomzuzu ka-74.
Kuze kwayiwa esikhathini esengeziwe kungekho efuna ukugoba uphondo phakathi kwala maqembu.
Nokho Amakhosi aqhubekile nokucindezela agcina ewuthola umvuzo ngomzuzu ka-102 ebekelwa iphenathi kulandela ukudlaliswa kabi kukaMduduzi Shabalala wunozinti weqembu lasekhaya, uXolani Ngcobo. UYusuf Maart uzinikeze umthwalo wokuyishaya, nebala wayivalela phakathi.
Amakhosi abenqoba okokuqala eChatsworth Stadium ebhekene neThwihli Thwahla, agcina ukunqoba iNedbank Cup ngo-2013.
Leli qembu likaKaizer Motaung, alisayazi injabulo ehambisana nokunqoba izindebe njengoba lakugcina ukukwenza lokho ngesizini ka-2014/2015. Sekuphele iminyaka kushintshwa abaqeqeshi ukuze kubuyiswe izinsuku zenjabulo njengoba kulokhu amehlo asezobheka ku-Arthur Zwane okuyisizini yakhe yokuqala enikwe lo msebenzi ngokugcwele.