IMIDLALO yokusonga isizini ka-2023/24 ye-English Premier League ibhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola namaphanta jikelele ngezizathu ezahlukene.
Akungatshazwa ukuthi kuyona oweManchester City nowe-Arsenal, yiyona ezothatha amehlo ukwedlula yonke eyakusasa ngo-5 ntambama ezinkundleni ezahlukene.
Ngokwezibalo iMan City yiyona ebukeka isethubeni elingcono kunezimbangi zayo i-Arsenal embangweni wesicoco seligi.
Iqiniso kodwa wukuthi kule midlalo yokugcina womabili la maqembu, kusengenzeka noma yini okungashiya abanye abalandeli bebhola beshaqekile.
IMan City izotholana phezulu neWest Ham, e-Etihad Stadium, eManchester kusasa ngo-5 ntambama. Ngesikhathi esifanayo i-Arsenal izobe idudulana ne-Everton, e-Emirates Stadium, eLondon.
Ngakolunye uhlangothi i-Arsenal kufanele ilwele ukuyithela phansi i-Everton, bese ishaya umthandazo omncane wokuthi izimbangi zayo iMan City, zikhale ngaphansi kwiWest Ham.
Lokhu kuzokwenza kube yiyona emuka nesicoco sePremier League eyagcina ukusiphakamisa ngesizini ka-2003/2004.
I-The Citizens evikela isicoco esisinqobe amasizini amathathu elandelana, ukuguqisa kwayo iTottenham Hotspur ngo 2-0 ngoLwesibili yikho okuyenza iye kowakusasa kuthe gidi isibindi ngesicoco seligi kunezimbangi i-Arsenal.
Womabili la maqembu ehlukaniswe ngamaphuzu amabili, njengoba iCity inamaphuzu angu-88, i-Arsenal inangu-86, nokusho ukuthi i-The Citizens kufanele inqobe ukuze ingakhathazeki ngomphumela we-Arsenal, eLondon.
Nakuba ezikaPep Guardiola kuyizona ezibukeka zisethubeni lokuphakamisa indebe ekupheleni kosuku, kodwa lo mqeqeshi uyayivuma eyengcindezi ngaphambi komdlalo wokugcina.
“Abadlali bami bangabantu, ngiyakuqonda ukuthi ikhona ingcindezi kubona. Kuzoba yisimo esifanayo nasemdlalweni wethu neWest Ham, sizoyizwa ingcindezi.
“Bayayizwa (ingcindezi) futhi bayayazi. Yingakho bengakajabuli ngoba bayazi ukuthi kusenomsebenzi okusafanele wenziwe.
“Sidinga ukugxilisa imiqondo yethu ngokuphelele kulo mdlalo, silwele ukuwunqoba,” kusho uGuardiola, ecashunwa yi-Footbal.london.
Umqeqeshi we-Arsenal, uMikel Arteta, ukholwa wukuthi kusengenzeka noma yini ngosuku lwemidlalo yokugcina.
“Ngokwazi kwami le ligi (iPremier League) eminyakeni engu-20 edlule, wukuthi iqembu lingahlula noma yiliphi. Siyazi ukuthi sidinga ukuwunqoba umdlalo wethu wokugcina, ngoba sisenethuba nathi lokusinqoba isicoco sePremier League.
“Kuyangithokozisa ukuthi sesinqobe imidlalo engu-27 yePremier League kule sizini okungokokuqala emlandweni weqembu eminyakeni engu-130. ”Lokho kusho lukhulu emlandweni weqembu,” kusho u-Arteta, ecashunwa yiSky Sports.
Kuzobe kuyihlandla leshumi emlandweni wePremier League kusukela ngesizini ka-1992/93 ukuthi umbango wesicoco seligi unqunywe ngosuku lokugcina.
Kwenzeka isimo esifanayo ngesizini ka-2021/2022 i-The Citizens inqoba isicoco sePremier League ngomdlalo wosuku lokugcina, isihlwitha kwiLiverpool isithembile.
Imidlalo ye-English Premier League:
NgeSonto - Ngo-5pm: Liverpool v Wolverhampton; Sheffield United v Tottenham Hotspur; Luton Town v Fulham; Brighton v Man United; Man City v West Ham; Arsenal v Everton; Brentford v Newcastle; Crystal Palace v Aston Villa; Burnley v Nottingham Forest; Chelsea v Bournemouth