KUBUKEKA seliyishonele iLindelani Ladies kwiHollywoodbets Super League ngemva kokunqotshwa kwayo ngo 4-1 yi-University of Western Cape ngempelasonto.
ILindelani iye eKapa yazi ukuthi idinga ukuqoqa amaphuzu ukuze izibeke ethubeni lokudlula iCity Lads, izigcine esigabeni esiphezulu ngesizini.
Amagoli e-UWC ashaywe ngu-Amogelang Motau, Sibulele Holweni, Fikile Magama noNtombifikile Ndlovu, eleLindelani lavalelwa nguMbalenhle Tenza.
Ukukhala ngaphansi kweLindelani kulo mdlalo, kuyishiye endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-29. Nakuba isele ngamaphuzu amathathu kwiCity Lads kodwa mancane kakhulu amathuba okuthi ingakwazi ukuqeda umehluko wamagoli angu-18 emdlalweni wokugcina.
ILindelani ikhushulelwe esigabeni esiphezulu okokuqala kule sizini, ihambisana ne-University of Fort Hare, yona ephephile ezembeni.
I-UWC isahleli endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu 66 emidlaweni engu-26. Uma leli qembu lingayinqoba yomine imidlalo yalo esele lingaphelela emaphuzwini angu-78.
IMamelodi Sundowns iqhwakele ngamaphuzu angu-77 emidlalweni engu-28 kulandela ukunqoba i-University of Pretoria ngo 3-0 e-UJ Soweto Campus ngoMgqibelo. Amagoli ashaywe nguBoitumelo Rabale, Karabo Dhlamini noMelinda Kgadiete.
Lokhu kuchaza ukuthi uma AmaSandawana engathola iphuzu emdlalweni wawo olandelayo angaphinde asivikele isicoco njengoba eyishiya ngamagoli angu-38 i-UWC.
Leli qembu lasePitoli, selibe ngompetha bakuleli amasizini amane elandelana selokhu kwasungulwa iligi kazwelonke yebhola labesifazane ngo-2019.
Imiphumela yeHollywoodbets Super League: TUT Matsatsantsa 3-2 Royal AM, University of Pretoria 0-3 Mamelodi Sundowns, Durban Ladies 1-1 University of Fort Hare, Copperbelt FC 0-1 JVW FC, University of Western Cape 4-1 Lindelani Ladies, University of Johannesburg 2-0 Richmond United, First Touch 2-1 City Lads, TS Galaxy Queens 6-0 Thunderbirds Ladies.