Golden Arrows (1) 1
TS Galaxy (1) 2
I-TS Galaxy iphinde yathela isibhaxu kwiLamontville iyishayela ekhaya, iyikhipha nakwiNedbank Cup Last 32 emdlalweni obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoLwesihlanu ebusuku.
IGalaxy okuyiyona ebiphezulu ngomdlalo yiyona ebone inethi kuqala ngegoli elishaywe wuLehlohonolo Mojela ngomzuzu ka-11 umdlalo uqalile.
Nokho, i-Arrows ekhombise ukuvuka emaqandeni ngemuva kwegoli ikwazile ukuthola igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-17, umkhonto ugwaza ekhaya, uKganyane Letsoenyo weGalaxy ezama ukususa umhlola ekhaya ngemuva kwebhola elibi ebeligotshwe uSiyanda Mthanti obewuhlupho ezitobheni zeGalaxy.
Ngesiwombe sesibili iGalaxy iqhubekile nokucindezela ihlasela ngamandla, iphungwa ngezithebe. Igcine ilitholile elesibili elingqomfelwe phakathi wuMpho Mvelase olithole ephume qikelele engamakwe muntu ngomzuzu ka-66, okuphinde kwakhombisa ukuxega kodonga lwasemuva lwe-Arrows.
Ngaphandle kokuphuzwa inyongo yiGalaxy ebisibathela induku okwesithathu imidlalo ilandelana , ukubalala nemidlalo emibili yeligi yakamuva, ukwehlulwa kwaBafana Bes'thende yiGalaxy nokuphuma ekuseni kulo mqhudelwano weNedbank, kusho ukuqonga kwengcindezi kumqeqeshi waleli qembu uMabhuti Khenyeza njengoba leli qembu selishaywe imidlalo eyisishiyagalolunye kulandelana ukuhlanganisa neyeligi.
Abafana Bes'thende bazobuyela enkundleni ngomdlalo weDStv Premiership ngokubhekana neSekhukhune United ngoLwesithathu khona eMpumalanga Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
I-The Rockets izobuyela kweyePremiership neCape Town Spurs ngoMashi 3, e-Athlone Stadium, eKapa.
Khonamanjalo komunye umdlalo weNedbank Last 32, iStellenbosch inqobe ngo 4-3 kwiPretoria Callies sekukhahlelwa amaphenathi. Bezishayane zabukana kungu 1-1.