IWINI yeBafana Bafana emdlalweni wesibili ka-Group A weHollywoodbets Cosafa Cup ibhekene neBotswana, bekuwumjovo obudingwa yiqembu likaMorena Ramoleboli, ofuna ukufinyelela kowamanqamu.
Banqobe umdlalo wokuqala kulo mqhudelwano emuva kokuqala ngokucazelana ngamaphuzu kowokuvula neNamibia, odlalelwe enkundleni efanayo ngoLwesithathu oludlule, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Kudingeke iphenathi, ka-Iqraam Reyners, negoli likaShaune Mogaila, ngesiwombe sesibili ukuze iBafana ibuyise ukuzethemba kubalandeli abebephume ngezinkani kulo mdlalo obungoMgqibelo ntambama.
Obekwenza la magoli abaluleke kwiBafana wukuthi iqale yalandela ngemuva emuva kwengcwenya yegoli elishaywe, nguThatayaone Kgamanyane.
Nokuvela kwekhadi elibomvu kwiBotswana esiwombeni sesibili kuyisizile iBafana.
“Ngijabule ngoba kuthe noma sekucaca ukuthi sekufanele sishintshe kodwa saqinisela ngoba sibona ukuthi sekuseduze ukuthi uvuleke umnyango ngoba besingqongqoza,” kusho uRamereboli kwiCosafa TV.
“Bekumqoka ukuwina ngoba imidlalo efana nale yiyo ekunika umfutho namandla okuqhubekela emidlalweni elandelayo.
“Le wini bekuwumjovo ebesiwudinga ukuze siye emidlalweni elandelayo ngomfutho ongcono uma uzokhumbula indlela esiqale ngayo.”
URamoreboli uthe akubone kubadlali bakhe koweBotswana bekungcono kakhulu uma ekuqhathanisa nakubone koweNamibia, nokumenza angabe esakwazi ukulinda owokusonga iqoqo ne-Eswatini ngoLwesithathu ngo-6 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“Ngaphandle kwephutha lokubavumela ukuthi bathole ibhola bengemuva kwethu okuyinto ecishe yaba yingozi kithina, abadlali bakwenze konke ebesibacele kona.
“Okujabulisayo wukuthi umdlalo wethu ubungono kunowokuqala ngakho-ke kuyathembisa ukuthi kowesithathu sizobe sesivutha.
“Enye into emnandi ngale midlalo wukuthi nokuzethemba kubadlali kuya ngokuya kuyakhula okwenza namathuba okunqoba yonke elandelayo akhule ngendlela efanayo.
“Ukuzethemba okukhona ekhempini kuqinisa idolo kodwa lokhu akusho ukuthi sizowubukela phansi umdlalo ne-Eswatini kumbe sizozithambisa ngoba wonke amaqembu akhona kulo mqhudelwano anenhloso eyodwa.
IBafana iqhwakele ku-Group A ngamaphuzu amane kulandele iBotswana ne-Eswatini abanamathathu bese kuba yiNamibia ebambe ibhuleki ngelilodwa elithole kwiBafana.