KUVUKE umunyu, wachiphiza izinyembezi umdlali we-Orlando Pirates, uMiguel Timm, ecabanga abebesingabaza isinqumo sakhe sokujoyina eZimnyama.
UTimm uqokwe njengomdlali ovelele wosuku ngesikhathi iPirates yehlula AmaZulu ngo-1-0 kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku. EzikaTimm zinqobe nge-free kick kaMonnapule Saleng ayishaye esiwombeni sokuqala.
Ngokuwina le ndebe, iPirates izoyigcina unomphela ekhabetheni layo kwazise abaxhasi, iMTN, banqume ukwakha entsha ezodlalelwa ngesizini ezayo. Ihlomule ngoR8 million ngokuba ngompetha.
EZimnyama ziyiwine amahlandla amane, okuyisibalo esenza ihambe phambili kunawo wonke amaqembu kwiPremier Soccer League. Ngokujwayelekile, iqembu eliwine indebe kwiDStv Premiership liyiphindisela emuva konyaka.
Nakuba bekuyinjabulo yodwa kubadlali beZimnyama emuva komdlalo kodwa uTimm ubonakale echiphiza izinyembezi. Lo mdlali usayine kwiPirates isigubhukane ekuqaleni kwesizini esuka kwiMarumo Gallants ekubeni bekuthiwa uzoya kwiSekhukhune United.
"Ngivukwe wumunyu emuva komdlalo. Ngiyazi ukuthi kunabantu abangajabulanga ngokujoyina kwami iPirates. Kodwa yisinqumo sami engisithathile futhi angizange ngesabe nakancane. Bengijabulela inselelo futhi bengazi ukuthi ngeke kube lula. Nibonile ukuthi angiyidlalanga imidlalo embalwa yokuqala kodwa ngililindile ithuba lami, ngaqhubeka ngasebenza. Noma ngingadlali ngiyabeseka ozakwethu. Yilolo ubumbano singabadlali esinalo eqenjini futhi luzosifikisa kude," kusho uTimm.
Lo mdlali, oyibamba esiyingini senkundla, uqhube wathi uyazi ukuthi kukhona abantu abebezitshela ukuthi uzokwehluleka kwiPirates.
"Angibanaki abantu ukuthi bathini kodwa ngezwa ukuthi kukhona abebengingabaza. Bonke abantu banelungelo lokuba nombono. Ngiyakwazi engikwenzayo zonke izinsuku nokuthi ngiyiphila kanjani impilo yami. Ngiphila ibhola. Kusukela ngifikile lapha, i-Orlando Pirates iyindlela yami yokuphila. Ngizamile ukuhambisana neqembu ngendlela engiphila ngayo, engenza ngayo izinto futhi imiphumela ihlala ibonakala enkundleni. Akusizi ukukhuluma njalo. Akubonakale izenzo enkundleni," kusho uTimm ochithwe yiMaritzburg United kumasizini adlule.
Ukuwina iMTN8 kwePirates kungenzeka kushintshe indlela abalandeli ababheka ngayo umqeqeshi, uJose Riveiro. Lo mqeqeshi ubizwe ngamagama angemahle ngesikhathi eqashwa yiPirates ekuqaleni kwesizini ngenxa yokungazelwa lutho ebholeni.
URiveiro uthe lokho akakufaki ekhanda lakhe.
"Angizile lapha ukuzophendula okushiwoyo. Ngilapha ukuzokwenza umsebenzi wami. Ngiwumqeqeshi futhi ngikulungele ukwenza lokho. Yikho ngithole ithuba lokuba yingxenye yaleli qembu elihle kangaka. Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge abaphathi bami ngokunginika ithuba lokusebenza kwiPirates. Senza umsebenzi omuhle sindawonye," kusho uRiveiro.
IPirates isizodlala kwiCarling Black Label Cup ngoMgqibelo lapho izodudulana neKaizer Chiefs ngo-12pm eFNB Stadium.