KUNYAKAZISE izinkakha zebhola zaseKapa 'ukulahlwa' komdlali uLyle Lakay obolekiswe isigubhukane yiMamelodi Sundowns kwiCape Town City.
Emuva kokuvela kwezindaba zokuthi uLakay usebuyiselwe ekhaya eKapa kwi-The Citizens kungalindelwe, kuqale inkulumo-mpikiswano ngendlela iSundowns emphathe ngayo lo mdlali.
ULakay udle umklomelo womdlali wasemuva ovelele ngesizini edlule, iDStv Premiership Defender of The Season. Ohlelweni lwezemidlalo emsakazweni iSA FM, udalule ukuthi ubengazi ukuthi uzobolekiswa futhi abaqeqeshi beSundowns abazange bamchazele lutho.
"Bonke abantu bathi ukuhamba kwami kubamangazile. Nami kungimangazile. Ngomunye umzuzu ngiseGoli, ngolandelayo sengitshelwa ukuthi ngosuku olulandelayo ukuthi angilungele ukuya eKapa. Bekungesona isinqumo sami. ICity yilona iqembu kuphela engitshelwe ngalo ukuthi ngiya kulona. Bekungekho ukukhetha. Bengingathanda ukuhlala ngilwele indawo yami. Ngikwenzile lokho ngesikhathi kufika u-Aubrey (Modiba), uNgobeni (Sifiso) nabanye. Kodwa njengoba ngishilo, bekungesona isinqumo sami. Kungenzeka mhlawumbe izinto zibelula ngoba ngibuyela eqenjini engidlale kulona futhi sengikwamukele," kusho uLakay emsakazweni ngoMsombuluko.
ULakay, ojoyine iSundowns ngo-2018 esuka kwiCity, ubelizwa ngendaba ijezi selokhu kuqale isizini ka-2022/2023. Indawo uyidlelwe uModiba osuka kwiSuperSport United. Emasontweni adlule, iSundowns isayinise uTerrence Mashego, uLakay azovala isikhala sakhe kwiCity.
UWayne Arendse waseKapa, ohlukane neSundowns ngo-2020, uthe uyamzwela uLakay.
"Nginesiqiniseko sokuthi uphatheke kabi ngale nto. Umdlali wasemuva ovelele wangesizini edlule kwenzeka kanjani ukuthi akasenayo indawo eqenjini. Umdlali wasemuva ovelele, umdlali ovelele wesizini nomshayi magoli ovelele yibona okwenziwa isiqiniseko sokuthi bayagcinwa eqenjini, kwakhelwe kubona. Angazi ukuthi kwenzekani (kwiSundowns). Kunzima kuLyle ngoba unephupho lokuwina iCaf Champions League," kusho u-Arendse oseqale izifundo zokuqeqesha.
KwiSundowns, uLakay uwine zonke izicoco ezikhona ebholeni laseMzansi. Ungomunye wabadlali abasayiniswe ngumqeqeshi uPitso Mosimane okubukeka bechithwa ngokulandelana eChloorkop.
Owayengumgadli we-Ajax Cape Town, uNathan Paulse, ugxeke abaqeqeshi beSundowns wathi, abakwenze kuLakay kukuveza obala ukungazi lutho kwabo. UPaulse ukubhale lokhu ephawula ekhasini leSA FM kwiFacebook.
"Leli thimba labaqeqeshi abathathu beSundowns lizokwembuleka izinqa njengelingakwazi ukuthuthukisa abadlali noma ukubhekana nabasezingeni lamazwe. Ungadidwa wukukhuluma kwabo noma ukufundisa ngaphambi nangemuva komdlalo. Wukukhuluma nje. Behlulekile ukubona emuva komdlalo weBafana neMorocco ukuthi uLyle kufanele athuthukiswe indlela yakhe yokumaka. Lokhu kukhombisa izinga eliphansi lokuqeqesha nolwazi lokunyusela umdlali ezingeni eliphezulu. Isheke libambozela amaphutha abo bevika ngokuthi iSundowns iheha abadlali abaphezulu," kusho uPaulse.
Yize lezi zinkakha zikhuluma kanje, kukhona ababona ubuthaka kuLakay ngendlela amaka ngayo. Lokhu kwagqama kakhulu elakuleli lidlala neMorocco futhi ungomunye wabaphendulwa izingane emuva kudlalwa neFrance. Kungenzeka ukuthi lo mdlali ubuye wazenzela phansi eshaya into ephansi bedlala neSuperSport United.