UMQEQESHI weqembu lesizwe lika-U/20, uVela Khumalo, utusa ubuholi nokuzinikela kumdlali wasemuva weStellenbosch ongasekho u-Oswin Andries.
U-Andries (19), ushone ngoMgqibelo emuva kokugwazwa engakubo eKapa.
Ubengukaputeni weqembu lesizwe lika-Under 20 eliphekwa nguKhumalo obuye aqeqeshe iKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge.
U-Andries, obekade eseqenjini leStellies leDiski elidlale emqhudelwaneni iNext Generation Cup e-UK nyakenye, uqale ukudlala esikimini esikhulu ngo-2021 bebhekene neBaroka.
“U-Oswin obehlala efuna ukuwina ngaso sonke isikhathi. Ngaphezu kokuba ngumdlali onekhono ubehlala elwela ukuphumelela,” kusho uKhumalo.
“Ngikhumbula komunye umdlalo ethi kimi ucela ukuya phambili ngoba siyadliwa futhi sidinga ukuwuwina umdlalo.
“Wakhuphuka wafika washaya amagoli amabili emizuzwini eyisihlanu. Ubengumholi wangempela. Abanye abadlali banekhono, abanye banekhono futhi bangabaholi ngaphezulu.
“Emuva kwekhempu ka-Under 20, nginqume ukukhuluma nomqeqeshi weqembu lika-Under 23 ngoba ngiyingxenye yalo futhi.
“Simthathile u-Oswin samfaka kulo. Akashongo ukuthi ufuna ukuya ekhaya, ukhathele.
“Lokho kuyakutshela ukuthi ubengumuntu ohlala elangazelele ukuwina. INingizimu Afrika ilahlekelwe ngumdlali weqophelo, mhlawumbe obezodlala kwiBafana Bafana nangaphezu kwalokho.”
Ukushona kuka-Andries kushaqise abadlali nabaqeqeshi abaningi kwiDiski Challenge. UKhumalo uthe lesi sehlakalo sibathintile kwiChiefs kwazise abanye babadlali bakhe badlalile no-Andries eqenjini lesizwe. IChiefs yehlule iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 koweDiski eThekwini ngeSonto.
“Bekunzima ngoba sidlale ngaphansi kwesimo esizithole sikuso emuva kokuzwa izindaba zokuthi u-Oswin akasekho,“ kusho uKhumalo.
“Lokhu kusiphazamisile ngoba abadlali bethu abayisishiyagalombili kade beseqenjini lesizwe naye. Ubengukaputeni wabo.
“Bekunzima kubona. Nakuba besiwulungiselele umdlalo futhi sikhathazekile ngokuzokwenzeka enkundleni, bekuyisivivinyo esinzima.”