UMQEQESHI waMaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, uhlabeke umxhwele ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi linqoba iChippa United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto.
Usuthu luqale lwagadla ngegoli likaSede Junior Dion ngomzuzu ka-60 ngaphambi kokuthi uMbongeni Gumede angqofele elesibili enethini ngoka-81.
Ukunqoba lo mdlalo kuqede irekhodi elibi loSuthu lokuhluleka ukubuya namaphuzu agcwele emidlalweni emithathu yeligi ilandelana.
UFolz ukholwa wukuthi abadlali bagxile kahle ezinhlelweni zeqembu babuya nawo womathathu amaphuzu yize bekungelula ukudlala njengoba beliyidliva eGqeberha.
“Ngikholwa wukuthi siwudlalile umdlalo ebesifuna ukuwudlala, siziphathe kahle sabaphoqa ukuthi badlale amabhola amade ukuze ibhola liwele kithina,” kusho uFolz.
"Ngicabanga ukuthi kunzima ukudlala ibhola kodwa sikwazile ukuhlanganisa amaphasi amahle. Ngokwami bekusifanele ukunqoba lo mdlalo ngoba sivale kahle nasemuva.
“Ngaphandle kwama-freekick namakhona angikhumbuli sibhekana nobunzima. Njengoba ngishilo, sibenze badlala amabhola amade, sakwazi ukuqhudelana nabo emoyeni futhi saqinisekisa ukuthi ibhola liwela ngakuthina.”
Lo mphumela wenze uSuthu lwakhuphukela endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-22.
Umdlalo walo olandelayo kuzokuba ngoweLast 16 weNedbank Cup lapho luzogadulisana khona neqembu le-ABC Motsepe League, iDondol Stars, eTUT Stadium ePitoli ngoLwesithathu ngo-7:30 ebusuku.
UFolz ulindele ukuthi ezakhe ziqhubeke nokuhle ezikwenze zidlala neChilli Boys futhi zithuthuke kwezinye izindawo.
“Ngikholwa wukuthi sibe namathuba ambalwa ebesingawasebenzisa kangcono, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, kodwa sidlale umdlalo ophelele,” usho kanje.
“Bekuwusuku oluhle kithina kodwa sesizosebenzela ukungawulahli umgqigqo. Sinemidlalo eminingi ezayo, owomkhumulajezi neyeligi, futhi sifuna ukwenza kangcono kakhulu.”
AmaZulu adlule kwiTornado FC ngo 3-2 kwiLast 32 yeNedbank Cup, kwathi iDondol Stars yakhipha iSuperSport United ngo 2-1.