KUSUKE umthwalo emahlombe omqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, ngesikhathi ejabulisa abalandeli baleli qembu ngamagoli abehamba namaphuzu amathathu benqoba ngo 3-0 kuMaZulu FC.
IChiefs beyinqoba okokuqala kule sizini emidlalweni yeligi. Lokhu bekucasule abanye abalandeli baMakhosi, abakhombise ulaka lwabo ngokumthelekela uNtseki bemjikijela ngamabhodlela kulandela ukwehlulwa yiTS Galaxy kowandulele owoSuthu.
Lesi senzo sabalandeli senze ukuthi uNtseki nabadlali bakhe banengcindezi nenselelo enkulu yokunqoba kowaMaZulu ukuze kudambe ulaka.
Emuva kokushaya uSuthu ngamagoli ashaywe uPule Mmodi (amabili) nelika-Edson Castillo kulo mdlalo weligi obuseFNB Stadium ngempelasonto, uNtseki utshele abezindaba esithangamini nabo ukuthi okumenza azizwe sengathi wethuleke umthwalo ukuthi uyazi ukuthi abalandeli beChiefs babuyele amakhaya bejabule.
IChiefs ayizange iyiqale kahle isizini ngaphansi kukaNtseki oqashwe ngendlela eshiye abanye abalandeli beqembu bengenelisekile. Obekubakhalisa wukuthi akanawo umlando wokuqeqesha esigabeni esiphezulu kuleli futhi ubekhona ewumqondisi wosomaqhinga ngesikhathi iqembu lihluleka wukwenza kahle liholwa u-Arthur Zwane, oseyiphini lakhe.
Ukunqoba AmaZulu uNtseki ukuchaze njengesiqalo.
“Wonke umuntu oxhumene neChiefs ngiyamjabulela ngalo mphumela obudingeka kusukela kusihlalo, abadlali nabalandeli bonke,” kusho uNtseki.
“Namuhla sinabalandeli abajabule njengoba bebuyela emakhaya okuyinto efanayo kithina (ithimba labaqeqeshi), kubadlali nakubona bonke abathanda ukuthula noxolo.
“AmaZulu iwona abedlala ibhola (kulo mdlalo) kodwa thina sishaye amagoli okuyiyona into ebimqoka kunazo zonke ngoba emidlalweni edlule sidlale kangcono kunanamuhla kodwa kwaphika amagoli.
“Siwuqale kahle umdlalo saba nenhlanhla yokukhululeka senze kahle nakho konke ebesikuhlelile ngoba igoli lisheshe lavela. Okungicacele kulo mdlalo ukuthi konke ebesikuhlela phakathi nesonto bekungena emakhanda abadlali.
“Uma uzobheka indlela ebesingenelwa ngayo amagoli ngezikhathi okungafanele ngazo kule midlalo yokuqala edlule, kuyacaca ukuthi baya ngokuya bayafunda abadlali.
“Lo mphumela uzofana nesitebhisi kithina ngoba sizozikala ngawo nasemidlalweni ezayo,” kusho uNtseki.
Lo mqeqeshi uneme ngesisu nezitobha zakhe kodwa kubagadli uthi kukhona la kusashoda khona.
“Okwenziwe uMmodi ilokhu ebesishoda ngakho emidlaweni edlule. Sifuna umuntu ozoba nendluzula phambi kwamapali kodwa kuyathembisa futhi okuhle ukuthi siyazi ukuthi kungani kusenale nkinga,” kuphetha uNtseki.
UPablo Franco Martin waMaZulu uphinde wakhala ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe phambi kwamapali. AmaZulu abedlala owesine kwiligi edlule ukushaya igoli kanti bekungokokuqala engena ngakuwona kule sizini.
Emdlalweni olandelayo iChiefs izothuthunana neMamelodi Sundowns kowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu weMTN8. Umdlalo ungoMgqibelo ngo-3 ntambama eFNB Stadium. La maqembu aseke abhekana koweligi kwadlula amaBrazilians ngo 2-1.