KUSHAYISANA inkulumo ngomqeqeshi weMarumo Gallants, uRomain Folz, okubikwa ukuthi usesulile kuleli qembu kodwa usihlalo walo, u-Abram Sello, uthi akakwazi lokho.
Ngaphambi kokuqala komdlalo weDStv Premiership obuphakathi kweGallants neSwallows ngeSonto, osekungumlando ukuthi uphele ngokucazelana ngamaphuzu, kuvele imibiko ekhomba ukuthi usesulile uFolz (32), osayine inkontileka yeminyaka emibili ekuqaleni kwesizini esuka eBotswana.
Nakuba iGallants ingazange ikuqinisekise lokhu kodwa kuqaphelekile emaphepheni aqinisekisa isikimu ukuthi, uRaymond Mdaka, uyena obebhalwe njengenhloko yabaqeqeshi kwathi uFolz wabhalwa njengephini.
Okwenze lokhu kwaqapheleka ngokushesha ukuthi ngesikhathi kuvela amahlebezi okuthi uFolz usesulile, kuvele ukugxambukela kwabaphathi ekusethweni kwesikimu nokwehliswa esikhundleni sokuba inhloko njengezizathu.
Ngemuva komdlalo uSello, ukhombise izimpawu zokuba sebumnyameni ngesikhathi ekhuluma kwiSuperSport ngomqeqeshi athe banobudlelwano obuhle naye.
“Ngimgcine ngoMgqibelo ebusuku yonke into iqondile silungiselela umdlalo weSwallows kodwa kuthe uma sifika enkundleni ngatshelwa ukuthi ngeke abekhona ngenxa yezizathu ezithinta yena uqobo,” kusho usihlalo weGallants.
Ecindezelwa ngemibuzo nokuthi kungani uFolz ebhalwe njengephini ungene ezintangeni wangaphumela obala kodwa eqhakambisa ukuthi uFolz neqembu ubudlelwano buhle phakathi kwabo futhi umlindele emsebenzini (ngoMsombuluko).
Ayizange iphumelele imizamo yeSolezwe ukuthola uSello kodwa umthombo weSolezwe ongaphakathi kwiGallants utshele leli phephandaba ukuthi kuliqiniso ukuthi uFolz ubengekho emsebenzini izolo.
“Kufihliwe okuningi kodwa uFolz akakaze azizwe ephethe ngokugcwele kwazise utshelwe ngosuku lokuqala ukuthi yini okufanele ayenze nokuthi kufanele ayenze kanjani,” kusho umthombo.
“Kugcine sekumuma emphinjeni lokhu waqoma ukusula kulandela ukwehliswa kwakhe esikhundleni sokuba yinhloko wehliselwa kwesokuba iphini ngoba kuningi angahambisani nakho akutshelwayo.
“Noma ngingenalo ulwazi olugcwele ngizwe kuthiwa usihlalo uyamncenga uFolz ukuba ajike umqondo ngesinqumo sakhe kwazise usabisa nangokuya enkantolo.”
Lo mqeqeshi odabuka kwelaseFrance ucashunwe ama-website ebhola ahlukene aseGoli, eqinisekisa ukuthi usule ngenxa yokugxambukela kwabaphathi ekusethweni kwesikimu.