XOLILE MPISANE
KUQUBUKE imibono engafani ngesikhathi i-Orlando Pirates ifaka izithombe zokuqala zamajezi ezowabasebenzisa ngesizini ka-2023/24 emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni.
Ezimnyama zifake izithombe ezimbili, esinye esikhombisa ijezi elimnyama elinomfanekiso wesipoki omhlophe elizosetshenziswa ekhaya, nelinye eliluhlaza elizogqokwa ekuhambeni.
La majezi akhiqizwe abaxhasi bezikaMagebhula, i-adidas, kuphinde kwavela ukuthi adwetshe umsiki wengqephu wakuleli ohamba phambili, uThebe Magugu.
“Kuyacaca ukuthi kule sizini asiwini lutho. Zonke izindebe eziwinwe yiPirates isuke igqoke ijezi elimhlophe noma elimnyama. Njalo uma sike sakhipha amajezi amibalabala siyadliwa. Angazi ngempela ukuthi iPirates isukelani nje emibaleni yayo,” kusho umlandeli ozobiza ngo Lacoste WamaTsebula kwiFacebook.
Nokho bakhona abachazekile ngalo mswenko ongajwayelekile asebebheke ngabomvu ukuthi uqale ukutholakala ezitolo.
“Mahle amajezi ukuthi nje phela asiboni ngaso linye singabantu. Liyasabisa kodwa leli elimnyama,” usho kanje uSigaqagaqa Mbatha Shandu.
Abanye baphawule kanje:
Sthembiso L Biyela
Ayikaze yasiphoxa i-Orlando Pirates uma kuziwa ngasemajezini ayo.
Rorisang Gubazi
Uyabonake lapha kwelimnyama kuzomele uma begqoke lona bawine , impela kuvele kupoke izipoki.
Mduh Mpisi
Kodwa Smakade balibuyiselani leli eliluhlaza elinamabhadi. Saze sasikhulu ispoki ngaphambili kwelasekhaya. Angichazekanga nhlobo, baze basibukisa ngabantu.
Ngokombhalo obuhambisana nalezi zithombe kulindeleke ukuthi la majezi akhishwe ngoJulayi 27.
AmaBhakaniya aseSpain lapho eqhubeka khona nokulungiselela isizini entsha. Azobhekana neqembu lase-Israel, iMaccabi Tel Aviv ngoLwesine, adudulane ne-Independiente del Valle yase-Ecuador ngoMgqibelo bese evala ne-UD Las Palmas yaseSpain ngoJulayi 19.