UVUMA eyokwehla kwengcindezi umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, ngemuva kokuthola amaphuzu amathathu behlula i-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.
ICity inqobe lo mdlalo ngo-2-1 kade elandela ngemuva. AmaBhakabhaka agadle kuqala ngegoli likaDeon Hotto kulo mdlalo obuseDHL Stadium eKapa. Nokho, uJuan Zapata ushayele iCitizens igoli lokulinganisa ngaphambi kokuthi uDarwin Gonzalez avalele elunqoba ngesiwombe sesibili.
Iqembu likaTinkler ligoqe unyaka ka-2022 ngokunqoba iRoyal AM kodwa liwuvule ngebatha u-2023, liguqiswa yiSuperSport United ngo-1-0.
"Kumele ngibonge kakhulu abadlali. Akulula ukubuya kwiPirates isihamba phambili ngo-1-0, ikakhulukazi ngemuva kokuhlulwa yiSuperSport. Abadlali bebebhekene nengcindezi enkulu kodwa bakhombisile ukuthi bavuthiwe. Ngiyaziqhenya ngabo,” kusho uTinkler.
“Bekusemqoka kakhulu ukuthi siwunqobe lo mdlalo, sinomgomo wokuthi asifuni ukuhlulwa imidlalo emibili ilandelana. Bekubalulekile kakhulu ukuthi singahlulwa kulo mdlalo.
"Bengingalijabulela iphuzu? Yebo, ngoba abadlali bebebhekene nesikhathi esinzima ngemuva kokuhlulwa yiSuperSport nokunye okwenzeka phambilini.
"Sonke besingaphansi kwengcindezi kodwa sakwazi ukubhukula, yingakho ngiziqhenya."
Lo mphumela ushiye iCitizens endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-15.
Umdlalo wabo olandelayo weligi bazowudlala neChippa United ekuhambeni ngoMgqibelo ntambama. Bazophinde bagadulisane neTS Galaxy neStellenbosch ngaphambi kokuphela kwenyanga.
IChilli Boys inamaphuzu alinganayo neCity, kanti iRockets isele ngephuzu elilodwa, nokuzokwenza le midlalo ibe nzima, ngokusho kukaTinkler.
“Ngiyethemba ukuthi lo mphumela uzosisiza ukuthi sihlale emzileni ofanele. Singenza kahle sisebenze kanzima njengoba kwenzekile kulo mdlalo kodwa abadlali kumele bakuqonde ukuthi noweChippa nawo uzoba nzima,” uqhube kanje.
“Ayikho imidlalo elula kule ligi. IMaritzburg (United) iwunqobile umdlalo wayo kanti uma ubheka i-log igebe elikhona phakathi kweqembu elisendaweni ka-15 nelisendaweni yesihlanu, ngamaphuzu ayisithupha kuphela.
“Uma unqoba imidlalo emibili ilandelana ungakwazi ngempela ukunwantela kwi-log. Ngaphambilini bekunegebe elikhulu phakathi kwamaqembu asemsileni nalawo akwi-Top 8 kodwa akusenjalo.
“Ngaphandle kweSundowns, noma yiliphi iqembu lingalihlula elinye. Kuzomele siphinde sidlale kahle uma sesibhekene neChippa neTS Galaxy.
“Kufanele senze okufanayo uma sesidlala namaqembu afana neMarumo Gallants, iSekhukhune United namanye. Ayikho imiphumela eqinisekisiwe kule ligi,” kusho uTinkler.