UMDLALI wasesiswini kwiRoyal AM, uMenzi Masuku, uthi okwezinkinga zeqembu bakubeke eceleni, abazibophezele ngakho wukubhukula batakule iqembu endaweni elikuyona njengamanje kwi-log yeDStv Premiership kusakhanya.
UMasuku (30) osefomini kulezi zinsuku, ungomunye wabadlali abamqoka beThwihli Thwahla, ethembele kubona kule sizini njengoba ingakakwazi ukusayina abadlali ukuqinisa isikwati ngenxa yesigwebo esinikwe yiFifa ngaphambi kokuqala kwesizini.
Lesi sigwebo sidalwe wukulahlwa kwayo yicala lokuxosha uSamir Nurkovic, obengumgadli waleli qembu ngesizini edlule, kwathiwa kayizange yenze ubulungiswa.
Isigwebo sesivulele ithuba abadlali abasebancane abebengajwayele ukudlala nabasuka eqenjini elincane abadlala kwi-DStv Diski Challenge, okubalwa kubona uSanele Radebe, Sabelo Sithole, S’phiwe Cele, no-Ayanda Jiyane.
UJiyane, ongomunye walaba badlali abasebancane, osaqale imidlalo eyisithupha emuva maphakathi nendawo, kubukeka esengenile emshovweni njengoba eyiqongqotha kubonakale endaweni ayidlalayo.
“Njengomuntu oke wahlala isikhathi ngingadlali ngenxa yokulimala, kuyangigqugquzela ukuthola kwami ithuba lokuba sesikimini esiqala imidlalo nokuthola amagoli amqoka asiza iqembu ekutholeni amaphuzu.
Ngaso sonke isikhathi uma ngithola ithuba ngiye ngizame ngokusemandleni ukulisebenzisa ngendlela, nomqeqeshi abone ukuthi akangifakanga ngephutha esikimini.
Ngale kwalokho okubaluleke kakhulu njengamanje wukusebenza ngokubambisana sisize iqembu,” kusho uMasuku, odabuka KwaMashu.
Emidlalweni eyisikhombisa asayidlalile, uMasuku ushaye amagoli amabili waba nesandla kwelilodwa. Ushaye igoli elimqoka i-AM ibuya namaphuzu ebiwadinga ekuhambeni kowokugcina, abahlule kuwona iCape Town Spurs ngo 2-1.
IThwihli Thwahla njengamanje esendaweni ka-14 kwi-log yePremiership, isalelwe yimidlalo emithathu ukusonga umzuliswano wokuqala wesizini. Izodlala neRichards Bay FC, yiMoroka Swallows naMaZulu FC ezovala nawo unyaka ngoDisemba 29.
“Imidlalo esisalele inzima uma uyibuka kodwa sizimisele ukubuya namaphuzu kuyona. Inhloso yethu wukuya ekhefini le-Afcon sikude nezembe, ngoba siyazi ukuthi ngomzuliswano wesibili kuzobe sekuqala ukushuba.
Izinkinga zeqembu zokungakwazi ukusayinisa abanye abadlali sizibeke eceleni manje, thina badlali esikhona njengamanje sizibophezele ekutheni silwe.
Bakhona abadlali futhi abasezingeni lokuncintisana nanoma yiliphi iqembu, kuphela nje kulele kithina ukuthi silungise lawo maphutha, sizinikele ekusebenzeni ngokuzinikela kakhulu kunakuqala.
Uma singasebenza ngokuzikhandla nangokubambisana singayiqeda isizini sibalwa ngisho phakathi kwamaqembu amathathu aphezulu kwi-log. Konke kusezandleni zethu,” kuphetha uMasuku ngokuzethemba.