I-SOUTH African Football Association (Safa) iqophe umlando ngesikhathi imemezela, uLydia Monyepao, njengesikhulu esiphezulu (CEO) esisha kule nhlangano eshiywe isigubhukane, uTebogo Motlanthe, obephethe lesi sikhundla kusukela ngo-2021.
UMonyepao (42) ozokuba ngowokuqala owesifazane emlandweni webhola laseNingizimu Afrika ukuba isikhulu esiphezulu, umenyezelwe izolo ekuseni, esithangamini nabezindaba eGoli.
UPinky Lehoko useke wabamba kulesi sikhundla phambilini. Ukuqashwa kukaMonyepao kuqinisekiswe uDanny Jordaan, ongumengameli weSafa ophinde waveza ukuthi sebeyamukele incwadi kaMotlanthe yokusula emsebenzini kusukela khona izolo.
“Akubanga inkinga kangako ukuqoka uMonyepao obevele esebenza njengeChief Operations Officer (COO) ngoba irekhodi lakhe ne-CV yakhe kuyazikhulumela.
“Siyamamukela futhi sijabule kakhulu ngalokhu kuqopheka komlando wokuba nesikhulu esiphezulu sebhola sesifazane eNingizimu Afrika. Asingabazi ukuthi uzowenza ngendlela lo msebenzi ngoba amagalelo akhe siyawazi,” kusho uJordaan.
UMotlanthe naye obekhona kulesi sithangami ucacise ukuthi akahambi kabi kwiSafa njengoba bekusabalele kwabezindaba kanti nencwadi yokusula okuthiwa eyakhe, egcwele kwezokuxhumana, akuyona.
“Ngiyohlale ngivule izandla ukusiza iSafa nakuJordaan osefana nobaba kimina. Angihambi kabi njengoba kukhona abadweba leso sithombe kanti nencwadi yokusula okuthiwa eyami esabalele ezinkundleni zokuxhumana akuyona.
“Eyami isayiniwe futhi iyazicacisa izizathu zami zokusula. Ikubeka kucace ukuthi ziqondene nami uqobo futhi akuzona izinto engingazikhuluma kwabezindaba,” kusho lesi sikhulu esiphezulu esiqale sasebenza njengebamba kusukela ngo-2020.
Ezikhulumela yena uMonyepao kulesi sithangami, uthe:
“Bengixhumene kakhulu nesikhulu esiphezulu esiphumayo ngokomsebenzi ngakho-ke akukho okuzongehla ngaphezulu emsebenzini wami omusha.
“Angingabazi ukuthi zinkulu kangakanani izicathulo engingena kuzona nokuthi lokhu okwenzekile kusheshe kwenzeka kodwa ngikulungele ukusebenzela ibhola laseNingizimu Afrika,” kusho lesi sikhulu esike sadlala kwiBanyana Banyana saphinde saba yimenenja yaleli qembu lesiziwe.
UMonyepao ukholelwa kakhulu ekuhlanganiseni unobhutshuzwayo nemfundo okufakazelwa ukuba neBcom in Commerce okuyiziqu azithola eWits, ubese esenza i-Honors e-University of KwaZulu-Natal. Ubeesenza iMasters kwiSports Management e-University of Loughborough, e-England.
Kulindeleke ukuthi aqhubeke nomsebenzi wokuhola iSafa njengoba ilungiselela isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba ka-2027 yabesifazane.