KUPHITHENE ikhanda kumqeqeshi waMaZulu FC, uRomain Folz, emuva kokudlala kweqembu lakhe ngokulingana okwehlandla lesishiyagalombili kwiDStv Premiership nokuyifomu engaliyisi ndawo ekuklelisweni kwi-log.
UFolz uphinde wasala engaqondi ngokufanele akwenze ukuze iqembu lakhe liqoqe amaphuzu agcwele njengoba lidedele iRichards Bay FC yashaya igoli lokulinganisa ngemizuzu yokugcina bebambana ngo 1-1 ngeSonto ntambama.
Lo mphumela woSuthu ukhomba ukuthi uFolz usecazelane ngamaphuzu emidlalweni eyisithupha, wanqoba kabili zase zimkhalela kowodwa kweyeligi kusukela efike kuMaZulu.
Nakuba ehlale ekubalula ukuthi uyazibona izimpawu zokuhlangana kweqembu lakhe kodwa kulokhu ukholelwa ekutheni bekufanele (bawaqoqe egcwele).
“Sidlale kahle koweRichards Bay ikakhulukazi esiwombeni sokuqala ngoba lapho bekufanele siziphathe kahle, besikwenza ngesinono lokhu,” kusho uFols kwabezindaba.
Ukudlala ngokulingana kulokhu kumlandele uFolz kwazise nakwiMarumo Gallants ushiye esedlale ngokulingana amahlandla ayisithupha emidlalweni eyisikhombisa.
“Konke esisuke sikuhlelile sikwenza kahle njalo njengokuxina izitha ukuthi zenze amaphutha engxenyeni enkulu yazo.
“Uma senza lokhu kuvuleka amathuba njalo njengoba kwenzekile kwiRichards Bay kodwa kwanqaba amagoli.
“Ngokwami bekusifanele ukunqoba lo mdlalo ngoba besingcono ngakho konke kuneqembu ebesilivakashele.
“Kungiphathe kabi ukucaza amaphuzu kufanele siwine kodwa angikholwa wukuthi kungenxa yendlela esidlale ngayo.
“Ngiyawubona umehluko futhi kuyathembisa kodwa nenhlanhla kufanele ijike manje ngoba selisilandele kakhulu ibhadi lokucazelana ngamaphuzu kungafanele.”
Usuthu kumele lusheshe luwukhohlwe lo mphumela ngoba luya komunye owabakhaya neMaritzburg United okungangatshazwa ukuthi uzobe ushubile kwazise ishintshe kakhulu kulezi zinsuku kusuka kubuye uFadlu Davids njengenhloko yabaqeqeshi.
NgoLwesihlanu ku, Usuthu luzovakashela iTeam of Choice ngo-7.30 ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.