SEBESHAYISANA ngamakhanda abadlali beKaizer Chiefs njengoba leli qembu liqhubeka nokulahla amaphuzu kwiDStv Premiership.
Lokhu kuvezwe oyibamba lomqeqeshi kuleli qembu, uCavin Johnson, kulandela umdlalo obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ntambama, lapho Amakhosi eguqiswe khona yiRichards Bay FC ngo 1-0.
IChiefs iwatholile amathuba kuzona zombili iziwombe kodwa yahluleka ukuwabeka enethini, iNatal Rich Boyz ebalekela izembe, yadlula ngelingqofelwe phakathi uSimphiwe Mcineka kwesesibili.
EzasePhefeni sezithole isibhaxu kwemithathu imidlalo ilandelana. Selokhu kuqale unyaka sizanqobe umdlalo owodwa kweyisishiyagalolunye yeligi. Zagcina ukuthola amaphuzu aphelele ziguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 ngoMashi 5.
“Bekufanele siwunqobe umdlalo ngesiwombe sokuqala. Umdlalo ubuhlukile kwesesibili kodwa ibhola besiliphethe kakhulu kwesokuqala. Singenile ebhokisini futhi bekufanele sihlangane kangcono, sihlale sizothile futhi sishaye amagoli kodwa akwenzekanga lokho,” usho kanje uJohnson kwabezindaba.
“Abadlali bami bebephikisana (ngendaba yokugeja) egunjini lokushintshela ngoba bayazi ukuthi lezi yizinto okufanele sizenze kangcono. Kufanele sibuyele emuva siqale kabusha, yize sesisalelwe yimidlalo eyisithupha kuphela manje. Izinto kufanele zijike maduze.
“Kufanele sibe ngcono uma siphambi kwamapali ngoba ibhola siligcina kahle, sidlala kahle. Inkinga ukulibeka enethini.”
Amakhosi asedlale imidlalo emine ehluleka ukubhakuzisa inethi selokhu agcina eshaye amagoli amabili enqotshwa yi-Orlando Pirates ngo 3-2 ngoMashi 9.
“Imina umqeqeshi, ngakho-ke kubuhlungu kakhulu. Kunzima uma lokhu kwenzeka ngoba ayikho into esiyenza njengokukhahlelela ipali ejimini. Uma nikwenza lokho usuke ulindele ukuthi abadlali bakwenze enkundleni ukuze banqobe imidlalo.
“Abaqeqeshi abaningi bathi ukuvala kahle emuva yikona okukwenza uwine iligi kodwa ngokwami ngicabanga ukuthi udinga abagadli abasezingeni eliphezulu.
“Ekugcineni ngingumqeqeshi, angiyena udokotela wengqondo, kodwa kumele sizame ukuqonda ukuthi kungani izinto zenzeka ngalolu hlobo. Kufanele sithole ukuthi kungani iqembu lingahlangani kahle, lingakuthokozeli ukudlala.
“Siyazama ukukwenza lokho ejimini ngokubanika amathuba okubhakuzisa inethi, ukuze bawukhumbule umuzwa wokushaya igoli kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Kungenzeka ukuthi sekufanele ngibayise lapho kudutshulwa khona izibhamu, mhlawumbe bazonemba kangcono.
“Okwamanje kusamele sihlanganise amakhanda njengabaqeqeshi sibone ukuthi yini esingayenza ukuze kulunge indaba yamagoli.”
IChiefs esibambe unombolo-10 izobhekana nelinye iqembu elidonsa kanzima kule zinsuku, iSuperSport United, emdlaweni olandelayo weligi ngoMgqibelo ntambama.