BAVUMELANA ngokuncipha kwamahlathi abaqeqeshi bamaqembu adlale maphakathi nesonto kweyeDStv Premiership kulawa asembangweni wegunya lokumela i-Premier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League nakwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Nakuba sekulindwe usuku iMamelodi Sundowns ezosonga ngalo isicoco sayo seligi sesikhombisa kulandelana kodwa umbango wokudlala emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo uyaqhubeka emaqenjini eza ngemuva kwayo.
IStellenbosch FC esendaweni yesibili icazelane ngamaphuzu neSekhukhune United ekweyesine bebambana ngo 1-1 emdlalweni obungoLwesithathu ebusuku ePolokwane.
Komunye umdlalo obungoLwesithathu othinta elinye lamaqembu angakufihli ukuthi azibona ekulo mbango, iSuperSport United nePolokwane City nabo bambane ngo 1-1 eLucas Moripe Stadium.
Kumaqembu ayisihlanu (Stellies, Orlando Pirates, Sekhukhune, SuperSport ne-TS Galaxy) anethuba lokuya kwiChampions League nakwiConfed Cup ngokwahlukana, umehluko amaphuzu ayisithupha kanti sekusele imidlalo embalwa.
USteve Barker weStellies, olokhu eyiqinisa indawo kweyesibili usalelwe umdlalo owodwa ukuthi aqophe irekhodi lamawini amaningi ngesizini.
“Kusukela sikhushulelwe esigabeni esikhulu ngo-2019 asikaze sidlule kumawini awu-11 ngesizini ngakho-ke sishoda ngeyodwa ukuthi senze lokho,” kusho uBarker kwabezindaba.
“Konke kuhamba kahle kodwa asisenawo uphawini wokuyona indlela esenza ngayo ngoba uma singaqeda isizini sikude nalapho esizibona sifanelwe ukuqeda khona konke okuhle esikwenzile kuyofana nento engekho,” kushaya ngamafuphi lo mqeqeshi osekupele imidlalo engu-22 engayazi induku kuyona yonke imiqhudelwano.
Umlingani wakhe kwiSekhukhune, uLehlohonolo Seema, ujatshuliswe ukubuya kwezakhe bebhekene nelinye lamaqembu angcono kule sizini.
“Osekuyinkinga ngemiphumela ukuthi uma umuhle kuba sengathi kukhona okususayo emahlombe kodwa uma umubi umonakalo usuba mkhulu kakhulu,” kusho uSeema ethimbeni leSekhukhune labezindaba.
“Ngijabule ngendlela abafana abadlala ngayo kodwa ukhiye uzoba sekutheni siyawubamba yini umgqigqo kuze kube kuphela isizini. Sibuye kunzima kwiStellies. Sisaphupha ngokubuyela e-Afrika,” kuphetha yena.
Umqeqeshi weSuperSport uGavin Hunt, obekhuluma kwiSuperSport emuva komdlalo uthe, abadlali bami abancane bayakhula futhi bayafunda ekubeni iligi igqishe ngabanesipiliyoni sokudlala kuyona kodwa ngiphoqelekile ukudlala ngezingane ezincane.
“Engikwaziyo ukuthi sizoyiqeda kahle le sizini ngoba abafana balokhu bekhula ngakho-ke imidlalo esele sizokwenza kahle kuyona noma kanjani,” kusho uHunt.