UWALTER Steenbok, oyiTechnical Director yeSouth African Football Association (Safa), udalule ukuthi sezizokwenziwa eNingizimu Afrika izifundo eziphezulu zokuqeqesha.
Lesi sikhulu, esifike kwezwakala kwiSafa, sisanda kususa inkulumo mpikiswano ngemuva kokuthi sithe bonke abaqeqeshi bePremier Soccer League (PSL) kufanele baphathe iziqu zeCaf A Licence.
Lokhu kuhambisana nomgomo wenhlangano eyengamele ibhola lase-Africa, iConfederation of African Football (Caf) ngaphansi kweClub Licensing. ICaf ishaye umthetho wokuthi bonke abaqeqeshi bamaqembu adlala kwiCaf Champions League nakwiCaf Confederation Cup kufanele babe neziqu zeCaf A Licence noma eze-Uefa Pro Licence kwabaphuma ngaphandle kwase-Afrika.
ISafa isiyilwa eyabaqeqeshi abaneziqu ezincane esigabeni esikhokhelayo ebholeni laseMzansi ngenxa yokukhula kwesibalo sabasebenza ngeziqu ze-D no-C Licence kwiPSL. Iningi labo kusuke kungabaqeqeshi abasanda kuyeka ukudlala.
Inselelo ebikade ibhekene nabaqeqeshi abaningi eMzansi wukuthi izifundo zeCaf B no-A Licence bezingenziwa kuleli. Lokhu bekuholela ekutheni bachithe imali eshisiwe beyozenza kwamanye amazwe.
USteenbok uthe lokhu sekuzoba wumlando.
"Noma usebenza kwiHollywoodbets, NFD noma iDStv Premiership, sikhulu isidingo sokuthi uhlome ngeziqu ezifanele. Sesizihambisile izincwadi zethu kwiCaf. Noma yinini kusukela manje sizomemezela. Sesilinde iCaf. Kulo nyaka ngingakuqinisekisa ukuthi sizowenzisa uCaf B no-A Licence kodwa sizokhetha kuphela abaqeqeshi bePSL neHollywoodbets. Sizonika bona ithuba kuqala," kusho uSteenbok.
"Okwamanje silinde iCaf iphasise izincwadi ezizofundwa esizihambisile. Uma sezibuyile, sizobiza bonke abaqeqeshi ukuthi bazibheke ukuze bafake isandla okokugcina. Uma uhambisa izincwadi kwiCaf kusuke kuwukuhambisana nezinga layo kulokhu ekufunayo. Kodwa lokho akusivimbi ekutheni sibe nokungaphezulu ukufika kulokhu esikufunayo."
Ezinyangeni ezedlule uSteenbok ucashunwe ethi bangu-459 abaqeqeshi abaneziqu zeCaf A Licence eNingizimu Afrika. Kodwa iningi labo alibonwa esigabeni esikhokhelayo. Wathi kwiPSL abadlali baziqeqesha bona ngoba kukhona abaqeqeshi abanezicucu ezingaphansi kwalezi abona zifanele.
"Lento ibingaqondisiwe kumuntu othize. Kodwa kufanele yenzeke. Izinguquko ziyeza kusukela kwi-ABC Motsepe League kuya phezulu. Akumina ofuna lokho. Ngisho iCosafa iyasho ukuthi uma ungumqeqeshi oqeqesha kwiCosafa udinga u-B Licence uma uyiphini, nePro Licence kumqeqeshi. Ngakho kufanele sizilungiselele. Amazwe afana neBotswana neSwatini aseqalile ukulandela izinga leCaf," kusho uSteenbok.