KUNGASE kunyomfeke izinhlelo zaMaZulu FC ngezimpendulo phambi kwamapali kulandela ukutholakala kokuthi omunye wabagadli bangaphandle, leli qembu laseThekwini elizama ukumsayinisa, ufike kulona elimele.
Ngokuthola kweSolezwe, uYakhouba Gnagna Barry waseGuinea, utheleke kuleli ngeledlule kodwa uthe uma esehlolwa kwatholakala ukuthi ulimele edolweni.
AmaZulu abememe abezindaba izolo ekuseni lapho ebeqedela khona amalungiselelo omdlalo weDStv Premiership ne-TS Galaxy namhlanje ngo-7.30 ebusuku eMoses Mabhida Stadium.
Isolezwe lihoshe ukuthi uBarry ubengekho ngesikhathi leli qembu liziqeqesha izolo nje, ingoba ubegqigqa nodokotela boSuthu ngenhloso yokuqonda ukuba bucayi bedolo lakhe.
Ngeledlule, uSandile Zungu, ongumengameli woSuthu utshele leli phephandaba ukuthi uBarry noVictorien Adebayoyr, abakasayini ngokugcwele kwazise kusafanele baqale bahlolwe odokotela beqembu kuqala.
UZungu uthe ukwenza lokhu ngoba akazimisele ngokungena ogibeni lokusayinisa umdlali olimele ngoba ubonile kwamanye amaqembu ukuthi umthwalo nezindleko kugcina kusele neqembu elisha.
Umqeqeshi woSuthu, uPablo Franco Martin, osalinde igoli lakhe lokuqala leligi kusukela eqale isizini uthe, usewatholile amaphepha amgunyaza ukuba aze kuleli u-Adebayor kodwa wakhomba uZungu ngodaba lukaBarry.
“Silindele umbiko wokuthi usesendleleni noma nini kuleli sonto u-Adebayor kulandela ukulunga kwamaphepha kwelakubo eNiger,” kusho lo mqeqeshi oteketiswa ngelikaCijimpi.
“Mayelana noBarry angikwazi ukuphawula njengoba ushilo ukuthi umengameli uyena okhuluma nabezindaba ngalowo mdlali.
“Ngiyaxolisa ukuthi anginayo impendulo ngaye kodwa umengameli uyena okahle ukusho ukuthi siyaqhubeka nokusayinisa noma cha,” uphendule kanje uMartin ebuzwa ukuthi ngabe uBarry uyena yini ozoba impendulo yamagoli kuMaZulu.
“Bonke laba badlali abamataniswa nathi bazoshubisa umbango wejezi. Bonke laba abakhona banezinkinga ezithile kodwa esimatasa ngazo.
“UNtuli (Bonginkosi) usanda kuqala ukuziqeqesha nathi kanti uVictor (Letsoalo), ubengekho silungiselela isizini okushiya uKwem (Augustine) yedwa kodwa naye usalahlekelwe ifomu uma ngingambali, uJunior (Dion), osenesikhathi elimele ehlombe,” kusho uMartin.
Ukushaywa iKaizer Chiefs ngo 3-0 ngempelasonto kusho ukuthi uSuthu seluqhube imidlalo emine lungayiboniswa inethi kanti bekungokokuqala ludedela amagoli.
Likhulu nokho ithemba ngokuthi bangazijika izinto kwiGalaxy.
“Ngabe ngiphatheke kabi ukube angibaboni abadlali bami besebenza ngokuzikhandla. Ibhadi nje leli esidlula kulona futhi sizolikhohlwa uma sesidlulile kulona.
“Ubani owaziyo, mhlawumbe umdlalo weGalaxy iwona okuzoqaqeka ngawo amaketango kulandele imvula yamagoli emuva kwawo,” kuphetha uCijimpi.