UBONGELA iNingizimu Afrika ngokukhiqiza abaqeqeshi bezinga eliphezulu, uRuud Krol waseNertherlands, owazakhela igama kuleli enqoba ne-Orlando Pirates izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana.
Lo mqeqeshi ekhuluma naleli phephandaba muva nje, uthe ngesikhathi esasebenza kuleli waqaphela ukuthi amaqembu akholelwa kubaqeqeshi bangaphandle, abanye abangaziwa nhlobo nasemazweni abaqhamuka kuwona.
Ngokokwakhe, uthe yikho lokhu ukwakubulala ibhola lakuleli ngoba laba baqeqeshi babefika nezitayela zabo, ezinye ezingalithuthukisi ibhola.
UKrol, osebenze kweZimnyama phakathi kuka-2008 kuya ku-2011, uqhube wathi kuyajabulisa ukuthi abaqeqeshi bakuleli sebeyanikezwa amathuba futhi benza kahle.
"Bheka nje ukuthi iMamelodi Sundowns yenza kahle kanjani ngaphansi kukaMokwena (Rhulani) noManqoba (Mngqithi). ISundowns idlala ibhola elihle nelesimanje ngaphansi kwabo. Bakhona nabafana noMandla Ncikazi kwiPirates nabanjengoJohnson (Cavin) kwiKaizer Chiefs, uSteve Barker nabanye abaningi.
"Kuyimanje buka ukuthi uPitso Mosimane uhlonishwa kangakanani ebholeni lase-Afrika. Usezakhele igama ngisho nangaphandle kwase-Afrika. Kuqala eNingizimu Afrika bekukhonya amavukana abaqeqeshi abangaziwa nabangahlonishwa emazweni abo," kubeka uKrol, ogcine ukusebenza ngo-2020 kwiKuwait SC yaseKuwait.
Ukwenza kahle kwabaqeqeshi bakuleli uKrol uthe kulenyuse kakhulu ibhola lakhona. Uze waqagula ukuthi iBafana Bafana uyibona yenza kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ngoJanuwari, e-Ivory Coast.
“Sesiyacaca isitayela sebhola laseNingizimu Afrika. Ngisho neBafana Bafana isidlala ibhola elihlelekile ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos. Ngiyibona izohamba ibanga elide kwi-Afcon.”
Ku-Group F, iBafana iqhathwe neTunisia, Mali neNamibia. Izovula neMali, ngoJanuwari 16, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
UKrol kuleli uzakhele igama esiza iPirates ngesizini ka-2010/11 inqoba isicoco seligi, Nedbank Cup neseMTN8. Ngeka-2011/12 uphinde wayinqobisa esayo iligi, Telkom Knockout nesayo iMTN8. Lo mqeqeshi usanda kusho ukuthi usangabuyela kuleli uma kukhona iqembu elikhulu elimfunayo.