UNOZINTI wompetha beCarling Black Label Knockout, uLee Langeveldt, usazimisele ngokuba ingxenye yombango wejezi kuleli qembu laseKapa yize ekuqonda ukuthi ngeke kubelula ukulenza elakhe njengaseminyakeni edlule.
ULangeveldt (37) owaqala ukubonakala esigabeni esikhulu ngo-2009, edlalela iSantos FC, ubesebhentshini ngempelasonto odlule, ngesikhathi iqembu lakhe linqoba isicoco salo sokuqala esigabeni esikhulu.
Lesi sicoco bekungesokuqala nakuyena lo nozinti osedlale emaqenjini ahlukene esigabeni esikhokhelayo iminyaka engu-19.
ULangeveldt ubonakala ebhentshini kowamanqamu nje, bese siside isikhathi enyamalele esikimini kwazise umiswe kabi uSage Stevens, obevimbile benqoba ngo 5-4 wamaphenathi kwi-TS Galaxy, no-Oscarine Masuluke, obewubuka nabalandeli lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Usavimbe kanye emdlalweni yeDStv Premiership kule sizini. Yize kunjalo lo nozinti akalilahlile ithemba ngethuba lokuphinde abe sezintini.
“Ningadideki ngisewumdlali weStellies futhi kuzobanjalo kuze kube sekutheni abaphathi beqembu basho okunye ngezivumelwano ezikhona phakathi kwethu,” kusho lo nozinti esithangamini nabezindaba.
“Ngiseyingxenye yombango wejezi yize ngingeke ngikufihle kuthi kusazoqhubeka kubenzima ngenxa yezinga lonozinti esinabo njengamanje eqenjini.
“Embangweni ngisekhona futhi uma ngingabonakali eqenjini kufanele kucace ukuthi ingoba abaqeqeshi babone kungcono ukuthi kudlale abanye hhayi okunye,” kuqhuba yena.
Lo nozinti oseke wadlalela neLamontville Golden Arrows, uthe akuyehlisi injabulo yakhe ukuthi kumthathe iminyaka engu-19 ukuthi awine isicoco sakhe sokuqala esigabeni esikhulu.
“Kuyangithobisa ukuthi ngisadlala namanje kodwa kwehla kahle kakhulu ukuthi nami sengingasho ukuthi nginenkomishi engiyiwinile kwazise izinkomishi izona imbangela enkulu yokuthi sidlale ibhola.”
Kusemqoka kuLangeveldt ukuthi isicoco sakhe sokuqala usithole neqembu langakubo kwazise uwumnsinsi wokuzimilela eStellenbosch, eKapa.
“Ngize ngaphoqeleka ukuthi ngiyodlala kwiSantos eminyakeni edlule ngoba belingekho iqembu elidlala esigabeni esikhulu ngakithi kwaze kwaba usuku olubusisiwe okwafika ngalo abaphathi bethu balithenga.
“Konke okulandele lapho injabulo kubantu bendawo yangakithi okwenza kube ngokukhethekile kakhulu ukuthi isicoco sami sokuqala ngisiwine ngidlubhe umfaniswano weStellies,” kuphetha uLangeveldt.