KUMNYAMA ngekusasa lomgadli weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, osekuqinisekisiwe ukuthi ngeke esadlala kule sizini ngenxa yokulimala.
Ngesonto eledlule, Isolezwe libikile ukuthi uBilliat osekunezinyanga engadlali, uphinde walimala sekubhekwe ukuthi abuyele enkundleni.
Kuleli sonto kuqinisekisiwe ukuthi usohlwini lwabadlali baMakhosi abahlinziwe, okukhona kubo noNkosingiphile Ngcobo noReeve Frosler abalimale emasontweni adlule.
Okwenza isimo sikaBilliant sibe nzima wukuthi sithinta ikusasa lakhe eNaturena, kwazise inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni.
Kule sizini udlale imidlalo engu-11, akanalo igoli ekubeni sivele sikhulu isikhalo kubalandeli beChiefs bathi akabenzile lutho kusukela elandwe kwiMamelodi Sunodwns, lapho ebevutha khona
UZwane ungene ezintangeni ebuzwa ukuthi kuzokwenzekani ngalo mgadli waseZimbabwe ekupheleni kwesizini.
"Konke kuncike entweni eyodwa, okuwukucubungula abadlali nezinhlelo zesizini ezayo. Ngeke ngisho ukuthi wubani ozohlala eqenjini, noma wubani ongeke esaba yingxenye yeqembu. Okwamanje asazi. Kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi," kusho uZwane.
"UKhama mdala, uyaziqonda lezi zinto (ukulimala). Ziyenzeka ebholeni futhi ezinye awukwazi ukuzilawula. Siyethemba nje ukuthi izinto zizolunga. Siyamkhuthaza.
“Hhayi yena kuphela kodwa noMathoho uphuma kuleso simo, lapho ekade ehlushwa khona wukulimala.
“Bakhona nabanye abadlali ababhekene naleso simo kumanje, kodwa iqembu liyabasiza nangokomqondo.”
UZwane ukhuluma kanjena nje, kuthiwa ngaphakathi kwiChiefs bahlukene phakathi mayelana nesinqumo okufanele sithathwe ngoBilliant, oyikha ngamafosholo kodwa ohlala elimele.
Ekuqaleni kwesizini, Amakhosi asayinise inqwaba yabadlali ngethemba lokubuyisa izinsuku zenjabulo. Kodwa kuze kube manje akuhlangani.
UZwane, osekukhona abalandeli abangasamdingi esikhundleni, uzothola elinye lokubaguqula imiqondo koweNedbank Cup neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
"Ngeke kube wumdlalo olula ngenxa yokuthi indlela abazoza ngayo izohluka. Ngicabanga ukuthi bazibona benethuba lokuwina kwazise benza kahle kulezi nsuku. Thina sihlala sifuna ukuyiwina yonke imidlalo. Asiyikhethi ukuthi sidlalela iligi noma indebe. Singathanda ukuhamba size sifike kowamanqamu siyiwine iNedbank. Lokho kubalulekile kithi sonke siyiqembu,"kusho uZwane.
"Kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu. Ngokwazi kwami uFadlu (uDavids oqeqesha iMaritzburg), uyakwazi ukuhlela. Kuzobavuna ukudlalela ekhaya phambi kwabalandeli babo. Kusezandleni zethu ukwenza isiqiniseko sokuthi sidlulela emzuliswaneni olandelayo. Kuzofanele sisebenze ngokuzikhandla.“