I-DURBAN Ladies noMlazi Warriors babe ngompetha beSolezwe Cup balo nyaka benqoba umqhudelwano obubanjelwe e-UKZN Edgewood Campus, ePinetown, ngoMsombuluko ntambama.
Kwabesifazane; iDurban Ladies idlule ngehubo kwiToti Ladies ngokuyiguqisa ngo 6-0 kowamanqamu.
Umlazi Warriors unqobe iHazelmere ngo 4-3 kumaphenathi kowamanqamu abesilisa kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 1-1.
Amaqembu abesilisa nawesifazane aphuma kuma-Local Football Association (LFA) angu-21 angaphansi kwe-South African Football Association (Safa), eThekwini abedlale imidlalo yokuhlunga kwaze kwasala amane.
IDurban Ladies ibixebule iMUT Ladies ngo 5-1 emdlalweni owandulela owamanqamu, kwathi iToti Ladies yabhudluza iMolweni Warriors ngo 6-1.
Ompetha besilisa bathole u-R30 000, abalale isibili bathola u-R15 000. Kwabesifazane iDurban Ladies ihambe no-R15 000, iToti yathola u-R5000.
Umqeqeshi weDurban Ladies, uSiphephelo Makhaye, uthe lo mqhudelwano umnike ithuba lokuhlola abanye abadlali abancane.
"Siyalibonga kakhulu Isolezwe ngokuhlela lo mqhudelwano osezingeni eliphezulu kangaka. Silahlekelwe yinqwaba yabadlali ngaphambi kokuqala kwesizini, ngakho-ke bekumqoka ukuthi silakhe kabusha iqembu.
“Kulo mqhudelwano sikwazile ukusebenzisa abadlali abasebancane ukuze bathole ithuba lokuhlangana nabanye asebeseqenjini elikhulu," kusho uMakhaye.
Kwabesilisa, Umlazi Warriors ubuye usulandela ngemuva ngamagoli amabili wanqoba iKZN Academy ngo 3-2 kowandulela owamanqamu. Komunye iHazelmere iguqise i-Effingham ngo 2-0.
Umqeqeshi weWarriors, uSimphiwe Dlamini, uthe ukudlula kanzima kowandulela owamanqamu kubanike ukuzethemba kowamanqamu.
"Ngifunde lukhulu kulo mqhudelwano ikakhulukazi kowandulela owamanqamu. Singenelwe ngamagoli kodwa sangadikibala. Besazi ukuthi uma sizimisela sizinika ithuba lokubuya kodwa nenhlanhla isebenzile.
"Kowamanqamu aphendukile amatafula ngoba silishaye kuqala igoli kodwa sabavumela ukuthi babuye. Ngibonga ukuthi sigcine sidlulile kumaphenathi," kusho uDlamini.
Umdlali weDurban Ladies, uKhwezi Khoza uqokwe njengovelele kwabesifazane, kwathi umqeqeshi wakhe uMakhaye wathola indondo yomqeqeshi ovelele.
Kwabesilisa umdlali ogqame kunabo bonke kube ngu-Anathi Chiliza weWarriors, kwathi uBhekani Mathunjwa weHazelmere waba ngumqeqeshi ovelele.