ABADLALI bebhola besifazane bakuleli baphinde bandizisa ifulegi lakuleli ngokunqoba isicoco seCaf African Schools Football Championship eZanzibar, eTanzania, ngoLwesihlanu ebusuku.
Iqembu lakuleli lamantombazane aneminyaka engaphansi kwengu-15 linqobe iMorocco ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi e-Amaan Stadium, kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 1-1.
Leli qembu ebeliholwa nguNtombifuthi Khumalo belibunjwe yinqwaba yabadlali abafunda e-Edendale Technical High School, engompetha bakuleli, abebehlanganiswe nabanye abafunda kwezinye izikole.
Kulona bekukhona nabadlali abasebancane kodwa asebeqalile ukuzakhela amagama kwiHollywoodbets Super League njengo-Okuhle Sithole noKhwezi Khoza beDurban Ladies, u-Akhona Simamane weLindelani Ladies nabanye.
Ebafaneni kukhonye osokhaya, iTanzania, ethele phansi iGuinea ngo 1-0 kowamanqamu.
Lo mqhudelwano udlalwe okokuqala eThekwini ngonyaka odlule, kwanqoba iGuinea ebafaneni, kwathi indebe yamantombazane yathathwa yiTanzania.
Amantombazane akuleli aphuma esigabeni samaqoqo nyakenye kodwa kulokhu aqinisekise ukuthi azibeka kowandulela owamanqamu ngokunqoba iGambia ngo 1-0 kweyamaqoqo, abambana ne-Uganda ngo 1-1 neTogo ngo 0-0.
Abe esezibekisela indawo kowamanqamu ngokuthela phansi iTanzania, ebivikela isicoco futhi idlalela ekhaya ngo 1-0.
Umqeqeshi uKhumalo uthe uyaziqhenya ngabadlali bakhe abakhombise ukuzimisela, waphinde wabonga nabo bonke abenze ukuthi uhambo lwabo lube yimpumelelo.
“Ngithanda ukudlulisa ukubonga ngethuba elivulelwe la mantombazane asemancane ukuba abe semqhudelwaneni ofana nalona, nawo osisizile ukuvundulula ithalente elinje. Amantombazane akhombisile ukuthi kuningi angakwenza uma enikwa inkundla efana nale ukuze aveze ikhono lawo,” usho kanje ecashunwa yiSafa.
“Ngithanda ukubonga iSafa, Caf, Motsepe Foundation, abazali, abaxhasi nabalandeli bethu emakhaya. Ngithanda futhi ukubonga uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnyango wezeMfundo kanye nabo bonke abantu abaqinisekise ukuthi izingane zethu ziyakwazi ukubamba iqhaza kulo mqhudelwano.
“Konke kuhambe kahle, baphephile, bajabule futhi sebengompetha beCaf African Schools Football Championship.”
Ngaphandle kwendebe, leli qembu liphinde lahlomula isamba semali engu-USD 300 000 (R5.5 million).
Iqembu labafana, elashaywa yiGuinea kowamanqamu nyakenye, likhishwe esigabeni samaqoqo kulo nyaka.
Liwuqale kahle lo mqhudelwano ngesikhathi libhaxabula iLibya ngo 3-0 kodwa lashaywa yiGuinea ngo 1-0 neBenin ngendlela efanayo kweminye imidlalo yamaqoqo.