KUHLUKANA imibono ngamathuba okubuya ehlathini kweJomo Cosmos, okuyiqemu likaJomo Sono oyinkakha nensephe ebholeli laseNingizimu Afrika.
Iqembu likaSono - angumnikazi, usihlalo, umqeqeshi, umhlonzi wethalente, yimenenja, ngumqondisi wamaqhinga ngisho nomshayeli webhasi walo uma isimo simkhomba lapho - lehliselwe esigabeni seGauteng ABC Motsepe League ekupheleni kwesizini ka-2021/2022.
Belusuka kwiMotsepe Foundation Championship ebiyaziwa ngeGLadAfrica Championship.
Kuyimanje iCosmos ibambene neJMB FC ngamaphuzu angu-19 embangweni wendawo yesine kwi-log yaseGauteng.
Babodwa abathi uSono ngeke abuye ehlathini ngoba miningi imigilingwane yakhona angeke ayimele.
Yize kunjalo kodwa bakhona abakholwa wukuthi yiyona ligi ezoba lula kuye ngoba ayihlukile nesandla sakhe njengoba ezenzela konke kuleliya qembu nokuyinto ebukeka iwubuhlathi ebholeni elikhokhelayo.
Omunye wabantu abambona engezukubhekana nobunzima “uma esezimisele ngokubuya” uSono, nguMorgan Gould ongumunye wabadlali abakhiqizwe yiyo iCosmos nohambe waze wayoba yinkakha ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ibhola liyadlalwa liyaqhubeka ehlathini. Akukho okusha kuye ngempela ngoba nebhola lakhe liqale khona vele ehlathini,” kusho uGould, oqokwe njengePSL Player of the Season ngo-2010.
“Akukhona ukuthi useya komunye umkhakha mhlawumbe uyoxilonga abantu (nokuzwakala sakutsaka kwazise uSono uhloniswe ngeziqu zobudokotela ngamagalelo akhe ebholeni). Ukwazile naphambili ukukhiqiza abadlali abafana nathi nabanye.
“Namanje ngiyazi ukuthi kukhona eza nabo abazodlondlobala.”
Mayelana nokuthi akame kancane ukudayisa ukuze abuye, uGould uthe akulula ngoba yindlela asazitshela ukuthi uliqhuba ngayo ibhizinisi lakhe lebhola.
Eqhulwini le-log yaseGauteng yeMotsepe, kuqhwakele iWits University FC ebambane ne-African All Stars ngamaphuzu angu-22.