KUPHINDE kwagqama ithimba lonondweba AmaZulu FC ebambana ngo 1-1 neRoyal AM koweDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli kulo mdlalo ashaywe nguRuzaigh Gamildien, ele-AM noBongi Ntuli, eloSuthu esuka ebhentshini.
Umdlalo ucace zisuka ukuthi akuzuncengwana kodwa kuzoshukwana njengalokhu kuvamile kweyomkhaya.
Nokho, umsoco walo mdlalo uphinde wahamba nonondweba uLuxolo Badi obesizwa emgqeni nguSandile Dilikane noSimukele Jali.
Ithimba lipheleleliswe nguXolani Hlatshwayo njenge-4th official noMorne’ Daniels obeyimatch commissioner.
Njengasemdlalweni owedlule i-AM inqoba ngo 2-0 eChatsworth, onondweba bayipha igoli okwadlula imizuzu impela ngaphambi kokuthi licishwe kwazise lalingasondelanga nakancane ekweqeni umugqa libuya ekushayeni ipai]li.
NangoMgibelo kube yisimo esithi asifane; bekusadlulei mizuzu emibili kungene igoli likaGamildien ngesikhathi uHendrick Ekstein eshayela AmaZUlu igoli lokulinganisa.
Libaliwe lelo goli kwadlalwa isikhathi esingangemizuzu impela.
Nokho, babuye onondweba balicisha bethi u-Ekstein ubesemhlabeni ongamfanele nokuphikisanayo nemithetho yokudlalisa (Laws of the Game).
U-Ekstein ubengekho omhlabeni iongamfanele ngesikhathi ibhola ligotshwa ngumdlali wangakubo.
Ibhola limfice esengaphambi komugqa wabebemumaka selibuya emdlalini we-AM.
Akusikho kodwa lokhu okushiye umqeqeshi waMaZulu, uRomail Folz, ewotha ubomvu ngemuva komdlalo engxoxweni nabakwaSuperSport TV nokungenzeka imdonsele amanzi ngomsele.
“Ngishilo kuqala umdlalo ukuthi angifuni ukukhuluma ngonondweba ngemuva komdlalo kodwa uma abantu kubehlula ukushaya indweba, uma bengakwazi ukumelana nengcindezi, abayekele lo msebenzi kwabakwaziyo abakwenzayo,” enye ingxenye yenkulumo kaFolz.
Iqiniso wukuthi khona asethenda ukuba yinkindlane amaphutha onondweba kanti Usuthu ngelinye lamaqembu okubukeka ebekelwe inkalivasi ngabashayi bempempe.