Mamelodi Sundowns (1) 2
Chippa United (0) 1
IQHUBEKILE nokushosholoza inqola yeMamelodi Sundowns ebheke ukuvikela isicoco seDStv Premiership ngesikhathi iqumba phansi iChippa United ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versfeld.
Amagoli okunqobe ngawo iSundowns umdlalo wayo weshumi weligi kulandelana ashaywe uTebogo Mokoena noPeter Shalulile ngokwahlukana kweziwombe kwathi eleChippa lokubika lashaywa uThabiso Libitso.
ISundowns isivule igebe lamaphuzu awu-13 esicongweni. Isiqoqe awu-40 emidlalweni ewu-16.
IChippa ihleli endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-19.
Kulo mdlalo oqalwe iChippa ingakaze iyishaye iSundowns emidlalweni yeligi engu-19, ebhentshini lompetha beligi bekukhona uShalulile, owumshini wamagoli weSundowns kodwa obekade egcine ukubonakala enkundleni ngoSepthemba wonyaka odlule ngenxa yokulimala.
Imizuzu yokuqala eyishumi ikhombise ukuthi womabili la maqembu abengazele ukuzoncengana kwazise azizange zinikane ithuba lokuzinza kule mizuzu futhi bekusobala ukuthi zombili izinhlangothi zigabe ngejubane kubadlali baphambili.
Kusabukeka kanjalo, uMokoena ubeke iDowns ebuhleni ngegoli lekhanda ngomzuzu ka-14 kade kuyi-freekick ethathwe i-Aubrey Modiba.
Nakuba leli goli lingazange liyidikibalise iChippa kodwa emuva kwalo, bese kucaca ukuthi abadlali bayo bacabanga kaningi ngaphambi kokuhlasela ngamandla.
Umdlalo uhambe ngaleyo ndlela kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Noma ngabe yini le etshelwe abadlali beChippa ngesikhathi sekhefu isebenzile ngemizuzu yokuqala esiwombeni sesibili ngoba babuye sebenomfutho ongaphezulu kwalo wakwesokuqala.
Nakuba bekukuhle lokhu kodwa bekubashiya beshoda emuva abeChippa obekwenza iSundowns ihlale njalo ibukeka iyingozi uma iphuma ngejubane.
Ngaphambi kokuthi umdlalo ufike emzuzwini ka-60, uShalulile ungene enkundleni kwachwaza abalandeli beSundowns bejabulela ukumbona.
Kudlule imizuzu eyisikhombisa engenile walingqofela enethini igoli leSundowns lesibili kade ephakelwe kamnandi uSifiso Ngobeni naye obesanda kungena.
UShalulile ubeshaya igoli lakhe lesikhombisa kwiligi okumenza abalwe kubagadli abahamba phambili ngamagoli.
Lokhu kusize ithimba labaqeqeshi leSundowns ukuthi liphumuze abadlali balo abamqoka futhi abayiqala yonke njengoThemba Zwane, Siphelele Mkhulise noCassius Mailula, njengoba iseminingi eminye imidlalo yeligi emqoka okumele leli qembu liyidlale ngaphambi kokugxila kwiCaf Champions League eqala ngenyanga ezayo.
Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, iChippa ibingazibekile phansi ifuna igoli. Ibhentshi layo lisale lishaqekile ukuthi alingenanga kanjani igoli leChippa kulandela amathuba amaningi asondelene eduze kodwa izitobha zeSundowns zagoloza ukuthi lingene kugqame uMarcelo Allende, olivimbe kwaze kwayikabili ibhola selibheke enethini, unozinti we’Downs, uRonwen Williams engasabonwa emapalini.
Ngalesi sikhathi iChilli Boys ibisihleli engxenyeni yeSundowns, nayo ebilokhu ililahla ibhola ngokushaya amaphasi amafushane ezindaweni eziyingozi.
Ligcine liphukile irekhodi likaWilliams lokungangenelwa goli ngesikhathi uLibitso eshaya elokubika emizuzwini yomusa kanondweba.