INDLELA yakamuva okudlala ngayo iCape Town City yenza usihlalo wayo, uJohn Comitis, alibone lifezeka iphupho lokubuyela kwaleli qembu lakhe emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf) ngesizini ezayo.
Sekuphele imidlalo emine iCity ingahlulwa nokwenza uComitis ahleke yedwa.
Kulesi sibalo inqobe emithathu kwathi kwegcine ukuwudlala yabambana ngo-2-2 neMarumo Gallants.
Njengamanje kwi-log yeDStv Premiership ikleliswe kweyesihlanu ngamaphuzu awu-33, emidlalweni ewu-23.
Ngaphezulu kwamaCitizens kuneKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ababambene ngamaphuzu awu-37.
Kweyesibili, kuneSuperSport United ngawu-39 bese kuqhwakela iMamelodi Sundowns okubukeka siyisithathile isicoco seligi. Inamaphuzu awu-59.
UComitis ukhuluma ngemiqhudelwano yeCaf nje, nangesizini edlule iqembu lakhe liqede endaweni yesibili.
Libe selijoyina iSundowns kwiCaf Champions League. Nokho sekungumlando ukuthi alilibonanga elidlalayo lase lehliselwa kwiConfederation Cup. Nakhona kubhede uhlelo, lahluleka ukudlulela esigabeni samaqoqo.
UComitis uveze ukuthi emidlalweni eyisikhombisa esele kusongwe iligi, akangabazi ukuthi uma bengaqhubeka nendlela abadlala ngayo iqembu lakhe lizobuyela kweyeCaf.
"Kuzomele senze isiqiniseko sokuthi kule midlalo esisalele siwaqoqa ngobuningi amaphuzu. Nakuba sikwazile ukuthola iphuzu kwesigcine ukuwudlala neMarumo kodwa siziyekele thina ukuthatha amathathu. Ngabe silivale kakhulu kunakuqala igebe.
“Siyeke inqwaba yamathuba saphinde sayinika namathuba okushaya amagoli okulinganisa. Isifiso sethu ukuthi siphinde sibuyele kweyeCaf. Inhloso yethu ukuzakhela igama ebholeni lase-Afrika. Ukuhlala sidlala kweyeCaf kunika abadlali bethu isipiliyoni esiyisimanga," kubeka uComitis.
NgoLwesibili oluzayo, amaCitizens azovakashela iSundowns eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. Emlenzeni wokuqala, ezikaComitis zakhala phansi ngo-2-0.
Mayelana nalo mdlalo uComitis, uthe: "Njengoba sengishilo, awukho umdlalo esizozithambisa kuwo. Lapha ngikhuluma nangawo umdlalo weSundowns. Sinezinto esifuna ukuzizuza ekupheleni kwesizini. Kuzoba umdlalo wamagqubu nozoba mnandi. Sizobe sifuna ukubuyisa izinduku".
Ngaphambi kokubhekana neCity, iSundowns izoqale idlale neCoton Sport yaseCameroon, kowokugcina ka-Group B kwiCaf Champions League. Kuleli qoqo ezikaRhulani Mokwena ziqhwakele ngamaphuzu awu-11. ICoton Sport engakanqobi nowodwa umdlalo ibambe indawo yokugcina. ISundowns isivele izibekisele indawo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.