UMDLALI wasemuva weRichards Bay FC, uSimphiwe Mcineka, unethemba lokuthi umoya wokuphikelela kozakwabo yiwo ozoba yikhubalo empini yezembe abasabhekene nayo emidlalweni yeDStv Premiership.
IRichards Bay edlulele emzuliswaneni weNedbank Cup Last 16 ngokushaya iPolokwane City ngo 3-2 ngempelasonto edlule, isabhekene nenselelo yokusuka esishozini okudlalela kuso izembe njengoba isahlezi endaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership ngaphezudlwana kweCape Town Spurs okuyiyona esayibambe emsileni endaweni ka-16.
Izotholana phezulu neRoyal AM kowePremiership womkhaya baKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
IBay iza kulo mdlalo wePremiership nje, ngaphambi kowePolokwane ibibuya esibhaxwini sika 3-1 ebisithole kwiSekhukhune United, nobekungumdlalo wesibili womqeqeshi uVusumuzi Vilakazi ehlezi ebhentshini laleli qembu ngemuva kokuthatha izintambo kuKaitano Tembo.
“Indlela ozakwethu abakhombise ngayo ukulwa njengamasosha sidlala nePolokwane ikhombisile ukuthi sizokwazi ukuyinqoba le mpi esibhekene nayo yokusuka ezembeni emidlalweni esisazoyidlala.
Njengamanje kuvunguza umoya wobunye nobumbano nokulwela iqembu kuwo wonke umdlali, okuyinto esiyidinga kakhulu ukuze sisuke kule ndawo esikuyona engikholwa wukuthi ayisifanele neze.
Uma singakwazi ukubuya namaphuzu emidlalweni emithathu esizoyidlala, ukubala noweRoyal AM, nakanjani zingashintsha izinto ngokushesha,” kusho uMcineka ezakhe eziqhathwe neStellenbosch FC koweLast 16 weNedbank.
Okuqaphelekile emdlalweni weNatal Rich Boys nePolokwane, ngamaphutha odongeni lwayo lwasemuva.
“Yebo, sisenawo amaphutha emuva okuyinto esikhathazayo sonke ukubala nami njengomdlali wasemuva eqenjini. Kodwa sizimisele ukwenza konke okusemandleni ukulungisa lawo maphutha, ngoba siyakwazi ukushaya amagoli, bese sihluleka ukuvala thaqa emuva.”
Ngaphandle komdlalo womkhaya neThwihli Thwahla, iNatal Rich Boys ineminye imidlalo emqoka ezoyidlala ngoMashi, okubalwa kuyo oweChippa United (ekuhambeni), i-TS Galaxy (ekhaya) neLamontville Golden Arrows (ekuhambeni).
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Lamontville Golden Arrows v Sekhukhune United (Mpumalanga Stadium); Cape Town City v Supersport United (Cape Town Stadium)