ZAKHELE XABA
AmaZulu (2) 2
Royal AM (2) 3
KUSINDA kwehlela kuMaZulu FC akhale ngaphansi kwiRoyal AM ngeSonto ntambama koweDStv Diski Challenge, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Amagoli aweze iRoyal ashaywe nguThabani Gumede, Siphenhle Mkhize noSanele Radebe esiwombeni sokuqala. AwoSuthu abekwe enethini nguSifundo Nkosi noKhayelihle Phakathi.
AmaZulu angompetha besizini edlule, angene enkundleni ebheke ukucosha amaphuzu amathathu okuqala esizini ka-2021/2022 emuva kokuqala ngebatha.
Emidlalweni emibili yokuqala, Usuthu ludlale ngokulingana neLamontville Golden Arrows, lwehlulwa yiMamelodi Sundowns ngesonto eledlule. Bekubhekwe ukuthi AmaZulu azoqhubeka nomgqigqo wangesizini edlule kwiDiski Challenge. Nokho kubukeka neqembu leDiski lihlaselwe yisihlava esifanayo nebesingenele iqembu elikhulu eliholwa ngumqeqeshi uBenni McCarthy, ebelibhubhisa ngesizini edlule.
Usuthu oludala bese luqhube imidlalo emithathu lunganqobi kwiDStv Premiership, ngaphambi kokushaya iBaroka ngoMgqibelo.
Ngokuwina kweRoyal, inyukele endaweni yesibili kwi-log yeDiski. Enkundleni, iRoyal ikhombise zibekwa ukuthi ifuna amaphuzu iqala umdlalo ngegiya eliphezulu, ingena iphindelela ebhokisini loSuthu.
Kusheshe kwayilungela iRoyal ngomzuzu ka-10 ngesikhathi uThabani Gumede eqobela phakathi ibhola aliphakelwe nguMesuli Cele kwesokunxele. Emuva kwaleli goli, iRoyal iqhubekile nokufaka ingcindezi kuMaZulu abehluleka nawukufika phambili.
Ngomzuzu ka-28, uMkhize ushayele iRoyal igoli lesibili. Emuva kwalokho Usuthu lukhombise ukuvuka. Ngomzuzu ka-35 luthole i-free kick ngaphandle kwebhokisi, wayibeka phakathi uMkhize. Sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini, uPhakathi ushayele AmaZulu igoli lesibili.
Esiwombeni sesibili, AmaZulu abuye nomfutho ofanayo naqede ngawo esokuqala. Kodwa iRoyal ayizithelanga ngabandayo. Ngomzuzu ka-66 uRadebe uyishayele igoli lesithathu.
Imiphumela yangeSonto yeDStv Diski Challenge:
Lamontville Golden Arrows 0-2 TS Galaxy; Cape Town City 4-1 Marumo Gallants; Baroka 1-0 SuperSport United; AmaZulu 2-3 Royal AM.