KULINDELEKE ukuthi lithathelwe izinyayelo ezinqala iqembu le-ABC Motsepe League, i-Oyzn Academy, alingalubhadanga emidlalweni ye-ZLM Project Cup eqale ngempelasonto edlule.
Leli qembu likuGroup B, lapho lihlezi emsileni njengoba lingenawo amaphuzu. Liqhathwe ne-Asande FC, UMsinga United, Njampela FC ne-Swayimane United. Emidlalweni yangale mpelasonto kumele lidlale noMsinga ne-United.
Imenenja ye-Oyzn, uNathi Makhoba, ikhuluma neSolezwe mayelana nokungafiki kweqembu ithe iqembu alikwazi ukuphawula kulolu daba njengamanje.
Umengameli we-South African Football Association (SAFA) KwaZulu-Natal, u-Kwenzakwakhe Ngwenya, uthe zikhona izinyathelo leli qembu elizothathelwa zona.
“Zikhona izinyathelo abazothathelwa zona ngoba kunemithetho iqembu elithathelwa yona uma lihlulekile ukufika emdlalweni. Bazohlawuliswa futhi umthetho weSAFA uthi iqembu eligingqelwe imidlalo emibili liyakhishwa bese liyiswa ekomitini lokuqondisa ubugwegwe,” kusho uNgwenya.
Lesi sikhulu siphinde salandisa leli phephandaba ukuthi isenzo se-Oyzn sithunazana isithunzi salo mqhudelwano.
“Kuyasilimaza kakhulu okwenziwe yileli qembu. Njengoba ngishilo bazovela phambi kwekomiti lokuqondisa ubugwegwe ngoba lokhu abakwenzile kuyicala. Awukho umbiko esike sawuthola oqhamuka kuleli qembu ochazayo ukuthi yini edale bangakwazi ukuphumelela,” kusho uNgwenya.