IZINGA eliphezulu amaqembu ePremier Soccer League (PSL) ashintshe ngalo abaqeqeshi nokungaboni ngaso linye phakathi kwale nhlangano neSouth African Football Association (Safa) emuva kwenkulumo kaWalter Steenbok, kubonakala kuphoqa ukuthi ikhulunywe eyabaqeqeshi kule ligi.
USteenbok oyi-technical director kwiSafa, ususe uthuli lwezichwe ngokuvusa inkulumo esineminyaka yeConfederation of African Football (Caf), eshaya ikhwela ebuholini bePSL ukuba busukumele indaba yeCaf Club Licensing.
“Okunye esifuna ukukuqinisa wukuthi indaba yeCaf Club Licence. Kumele sicacise ukuthi bonke abaqeqeshi kumele babe neCaf A Licence,” wacashunwa kanje uSteenbok emuva kwesithangami sabezindaba abe naso ngo-Ephreli.
ICaf ithi abqeqeshi bamaqembu adlala emiqhudelwaneni abo kumele babe neCaf Pro Licence noma iCaf A Licence kuthi amaphini abe neCaf B Licence.
Lokho kudingeka kubaqeqeshi abadabuka e-Afrika. Abasemazweni aphesheya kudingeka babe ne-Uefa Pro Licence.
I-PSL ayinayo imigomo eyibekile ngezicucu noma ngeziqu zabaqeqeshi. USteenbok akusiye umqondisi wamaqhinga kwiSafa wokuqala ukushumayela leli vangeli.
Umvundla emaqenjini ePSL zize ziwunqande phambili uma sekufikwa kwiCaf Confederation Cup neCaf Champions League.
Kule sizini umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, akazange ahlale ebhentshini kwiChampions League ngenxa yokungabi namaphepha afanele. UTinkler une-Uefa A Licence.
Kube njalo nakuKhabo Zondo kwiRoyal AM kwiConfederation Cup, naye engavunyelwa ukuhlala ebhentshini ngenxa yakho ukungabi namaphepha afanele.
Emazweni ase-Europe, ahamba phambili ngokuphathwa kwebhola nezinga lokudlala elibatshazwa umhlaba wonke, abaqeqeshi bakhona banama-Uefa Pro ne-A Licence.
Isizini ka-2022/2023, ihambe phambili ngezigameko zokushintsha abaqeqeshi kwiPremiership.
Lokho kungenxa yokuthi kunabaqeqeshi abaxoshwe kabili nangaphezulu njengoRomain Folz kwiGallants nakuMaZulu FC, uDan Malesela kwi-AM nakwiGallants ekubeni iSwallows neChippa United, nabo bebengazibekile phansi ngokushintshashintsha abaqeqeshi.
Sekuphele amasonto Isolezwe lizama ukuthola uhlangothi lwePSL ngakho konke lokhu.
Le nhlangano yagcina ingayanga emhlanganweni owawubizwe iSafa lapho kwakubhekwe ukuthi kubhungwe ngalokhu.
I-PSL, njengelungu leSafa, iyahlala ezimihlanganweni yale nhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika.
Nokho, ekuphenduleni inkulumo kaSteenbok, yakubeka kwacaca ukuthi ayizukulubhada nakulubhada kulowo mhlangano.
Yagcizelela ukuthi yona umhlahlandlela izowuthola kumengameli weCaf, uPatrice Motsepe nezinye izinhlaka ezingamadlelandawonye.
Yize Isolezwe lingazange liphumelele ukuthola izimpendulo kwiPSL, kodwa abanolwazi olunzulu ekuphekweni kwabaqeqeshi nemikhuba ehamba phambili ebholeni lesimanje, bayayilahla le nhlangano.
“Uma siqala sikhuluma ngale yeziqu zabaqeqeshi, kumqoka ukucacisa nokugcizelela ukuthi akusiye uSteenbok osho lokhu futhi akasiye uTD (Technical Director) weSafa wokuqala ukukhuluma lokhu,” kusho uZipho Dlangalala, ongumpheki wabaqeqeshi.
“Lo mgomo uvela phezulu kwiFifa, iCaf kade yawamukela, yawuphasisa ngokunjalo neSafa. Amazwe ase-Europe ahamba ngawo.
“EGermany nje ngazi kahle ukuthi kufuneka i-Uefa Pro Licence kwiBundesliga kanti akuvunyelwe ukuthi umqeqeshi axoshwe kwelinye iqembu, aqashwe kwelinye ngesizini eyodwa.
“Ngisho la e-Afrika, emazweni anjengeTanzania nje, kusetshenzwa ngayo le mibandela (Caf A nePro Licence ngokunjalo neCaf B Lincence).”
EFrance nakhona imithetho iqinile, umqeqeshi weReims edlala kwiLigue 1, uWill Still, ubeqesha engenazo iziqu ze-Uefa ezidingakalayo kodwa umdlalo ngamunye ubehlawuliswa imali elinganiselwa kuR529 00 kuze kube uthola izicucu ezidingakalayo.
Umbuzo uthi ngabe ayikho yini indlela yokuphoqa iPSL ukuthi iyamukele le mibandela futhi igwetshwe uma ingayisukumeli?
“Iqiniso wukuthi eNingizimu Afrika sisasele ngabomu ngenxa yenkani nje kuphela. Kulula-ke kwiPSL ukuzenzela umathanda ebholeni lasekhaya ngoba izimele, ayilawulwa yiSafa.
“Lokho kukodwa nje yichilo futhi alikho elinye izwe elenza lokho emhlabeni la uthola khona ukuthi ibhola elikhokhelayo liphethwe ngesandla esihlukile kunezinye izinhlaka.”
Enkulumeni ehlukile yaphambilini neSolezwe, uGreg Mashilo, ongumengameli weSouth African Football Coaches Union naye walishaya ikhwelo ngokufunda kwabaqeqeshi bakuleli, ethi kuzosiza ekutheni bande abahlabana njengoPitso Mosimane.
Kuleli kuke kwamangala iningi iChippa iqasha uMorgan Mammila okuvele ukuthi uno-D License. UMusa Nyatama usindise iSwallows ezembeni ngeziqu ezifanayo.