UMQEQESHI waMaZulu, uRomain Folz, ulindele ukuthi uMswati Mavuso ayilwele indawo yakhe eqenjini ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emibili.
UMavuso (22) odabuka eVryheid, uziphendlele indawo oSuthwini njengoba lubheke ukuqinisa esiswini emuva kokushiya kukaMakhehleni Makhaula, ojoyine i-Orlando Pirates ngenyanga edlule.
Uke wadlalela iqembu lesizwe lakuleli labafana lika-Under 17, Witbank Spurs, Mbombela United, Stellenbosch FC neSteenberg United kuleli.
NgoJulayi nyakenye, uMavuso ulibangise phesheya kwezilwandle ukuyodlalela i-Europa Point FC yaseGibraltar, okuyizwe eliphakathi kweSpain neMorocco.
Ubuyele ekhaya kulo nyaka kanti ubesezilolonge naMaZulu isikhashana ngaphambi kokuthola inkontileka.
"Kuyasithokozisa ukuthola umdlali onjengaye. Uzokwenza sibe nabadlali abahlukile esingakhetha kubona uma sibophela isikimu sethu. Ungumdlali osemncane ngakho ngicabanga ukuthi uzongena kahle eqenjini," kusho uFolz.
“Muhle uma ephethe ibhola futhi unamandla ngakho sijabule kakhulu ngokuba naye. Singamkhuthaza nje ukuthi alwele indawo yakhe eqenjini.”
UMavuso uzobanga ijezi nabayibamba enkabeni yenkundla oSuthwini uGeorge Maluleka, Keagan Buchanan, Rally Bwalya, Tercious Malepe nabanye.
Ngaphandle kwakhe, AmaZulu asayinise abanye abathathu ewindini lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari.
Athathe umgadli uSerge Junior Dion obegijima kwiMarumo Gallants, uGuily Manziba obekwiSuperSport United odlala kwesokudla kanye nonozinti uJody February, obolekwe kwiMamelodi Sundowns.
Usuthu lusendaweni ka-11 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-20 ngemuva kokushaywa yiTS Galaxy ngo-2-1 emdlalweni wokugcina weligi.
UFolz ukholelwa ekutheni kuningi okungashintsha uma bengabhukula kule midlalo eyishumi yeligi esele.
“Singena esigabeni sesithathu seligi futhi le midlalo eyishumi esele miningi, kodwa futhi ayiminingi. Uma siphaphama emidlalweni emibili yokugcina siyobe sesisindwe yizinyawo,” usho kanje.
“Akusikhona ukuthi asinayo intshisekelo yokunqoba imidlalo. Ukuzimisela nokuqonda ubumqoka bokulwela imidlalo yinto esinayo eqenjini. Into okufanele siyenze ukuthuthuka enkundleni. Akuyona nje into esaziyo ukuthi singayenza kodwa yinto okufanele siyenze.”
AmaZulu azobe ebheke ukuzibuyisela endaweni engocono kwi-log uma esedudulana neRoyal AM emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.