I-ORLANDO Pirates ihlabane ngofishi omkhulu kuleli windi lokushintshana ngabadlali ixebula ukaputeni waMaZulu FC, uMakhehleni Makhaula.
Abevele ekhona amahlebezi okuthi angase ahambe manje lo mdlali wasesiwini obese kwaziwa ukuthi ubese eyisanile inkontileka yesibambiso nePirates kwazise inkonttileka yakhe noSuthu ibiphela ngoJuni.
Ukuhamba kukaMakhaula kuqinisekiswe ngesitatimende esifushane lapho usihlalo weqembu, uSandile Zungu, ebonge khona lo mdlali ngokuzinikela njalo kule minyaka emibili nesigamu.
“UMakhaula uhamba kithi izinhliziyo zethu zivulekile futhi zinezibusiso. Sizishaya isifuba ngendlela abezinikela ngayo okufakazelwa yimiklomelo emqoka yangaphakathi eqenjini abese eyiqoqile,” kusho uZungu.
Indaba kaMakhaula nenkontileka eyisibambiso ifana ncamashi nekaSiyethemba Sithebe, owenze okufanayo neKaizer Chiefs kwaba esezithintele.
Nokho imiphumela yakhona yehlukile, kwazise lo weChiefs unuka umzondo ebuholini boSuthu.
USithebe uhlale izinyanga zakhe zokugcina eziyisithupha eThekwini eziqeqesha ezinkulisa, uZungu eshaya phansi ngonyawo ukuthi ngeke amdedele zingakapheli futhi engamvumeli obengumqeqeshi ngaleso sikhathi, uBenni McCarthy ukuba amsebenzise.
Indaba isekutheni, imithetho yezinkontileka zabadlali, iyamvumela umdlali ukuba axoxisane nezesheli uma sekusele izinyanga eziyisithupha neqembu elisuke limqashile.
Akufihliwe ukuthi ngaphandle kwemali, amanye amabala adla ngawo amaqembu afana nePirates neChiefs, ngumlando wokudlala kowomkhaya baseSoweto nobalwa kwemikhulu yomhlaba emhlabeni.
Okunye ngukuheha abaxhasi bakho ngawedwana njengomdlali, nokubukelwa eduze ezinhlakeni zesizwe.