IBAMBA mqeqeshi kwiMoroka Swallows, uMusa Nyatama, lithi benza konke okusemandleni ukukhalima abadlali baleli qembu ekutheni bangazinaki izinkinga ezilikhungethe kodwa bagxile ngokuphelele ekwenzeni umsebenzi enkundleni.
UNyatama ukusho lokhu ngemuva kokuba iSwallows ibuye nelinye iphuzu ibambana ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili.
ISwallows ibuya nephuzu kuMaZulu nje, ngempelasonto ibuye nelinye iphuzu ibambana ngo 0-0 neKaizer Chiefs.
Emidlalweni emithathu yePremiership edlule, isabuye namaphuzu amabili yashaywa komunye yiPolokwane City ngo 2-1.
Iqale unyaka ikhungethwe yizinkinga ezithinta imali yaze yaxosha abadlali abangu-22, udaba lwabo lwaze lwangenelwa yiSouth African Football Players Unions (Safpu).
Nokho abaphathi baleli qembu baphinde bashaya ungqimphothwe bababuyisa abanye balabo badlali ababebaxoshile.
“Siyazazi izinselelo iqembu elibhekene nazo kodwa ngasohlangothini lwami nethimba labaqeqeshi senza yonke imizamo ukusebenza isimo somqondo kubadlali.
Abadlali ababona osopolitiki, abadlali bebhola, okwabo ukugxila ekudlaleni, bangavumi ukuphazanyisa ngezinye izinto eziseceleni,” kusho uNyatama.
“Esikulwela kakhulu njengamanje ukuthola amaphuzu umdlalo nomdlalo, azosisiza siqhele endaweni yezembe ngoba njengamanje asiphephile ezembeni. Ngemuva kwalokho-ke, siyobe sesicabanga ngeTop 8.
“Yize besifisa ukwenza kangcono kodwa ukubuya kwethu namaphuzu emidlalweni emibili, okungoweChiefs naMaZulu, kusho lukhulu kubadlali bami ngasohlangothini lokuzothemba. Sinomunye umdlalo obalulekile neSekhukhune ngempelasonto, nayo engaqhelile kangako kithina ngokwe-log. Ngakho ukubuya kwethu namaphuzu kulowo mdlalo angingabazi ukuthi kungasenza ngcono isimo sethu kwi-log.”
UNyatama uthathe izintambo kuSteve Komphela abeyiphini lakhe, kulandela ukushenxa kukaKomphela ngoFebhuwari, ngenxa yokungaboni ngaso linye nezikhulu zaleli qembu alijoyine ngaphambi kokuqala kwesizini esuka kwiMamelodi Sundowns.
IZinyoni ezisendaweni ka-12 kwi-log, zizodlala neSekhukhune United kowePremiership, ngoMgqibelo, ngo-5.30 ntambama.