LIZOQHUBEKA nokukhala izembe kwiRoyal AM okuthiwa ikhala “ngokugugelwa” ngabadlali esikimini sayo.
I-AM ivale isizini endaweni ka-11 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-35, emuva kwemidlalo engu-30. Ishaye into ephansi uma kuqhathaniswa nesizini edlule lapho iqede khona endaweni yesithathu emuva kokuqoqa amaphuzu angu-47.
Umthombo ongaphakathi kwi-AM uveze ukuthi abaphathi abeneme ngeminyaka yabadlali kuleli qembu. IThwihli Thwahla isivele idedele izembe kubadlali abathathu abaneminyaka engaphezu kuka-30 okunguLetshane Phalane (33) okuthiwa uzojoyina iPolokwane City, Tshepo Rikhotso (30) okuvela ukuthi uzoyibamba kwiSekhukhune United ngesizini ezayo noRicardo Nascimento (36) waseBrazil, osathungatha iqembu elisha kwiPremier Soccer League.
Umqeqeshi we-AM, uJohn Maduka, uvumile ukuthi bakhona abadlali asebephelelwe yindawo kuleli qembu. Wathi bathungatha abadlali basemuva abasebancane abadlala ezinhlangothini abasheshayo nomgadli ozobashayela amagoli angu-10 kuya ku-15 ngesizini.
"Bakhona abadlali abazohamba. Sifuna ukuba neqembu elinabadlali abahle kuzona zonke izindawo. Awukwazi ukuba nabadlali basemuva abayisishiyagalolunye ekubeni udlalisa ababili noma abathathu. Sifuna abadlali abazokwazi ukulwela ijezi okuyinto ezosiza iqembu.
“Abanye abadlali izinkontileka zabo ziyaphela. Sisaxoxa nabo. Izingxoxo zifaka izinto eziningi. Uma zihamba ngendlela esifuna ngayo, sizokwazi ukubagcina labo esizokwazi ukubagcina. Uma kungenjalo, kufanele sifune abanye esizoqinisa ngabo iqembu ngoba kunezindawo ezidinga lokho."
I-AM isivele yenyusele esikimini esikhulu uKhulekani Shezi obengukaputeni weqembu leDStv Diski Challenge noSanele Radebe oyibamba ohlangothini kwesokunxele. Kubadlali abangase bachithwe kukhona uThabo Matlaba osemataniswa naMaZulu, Philani Cele, Lesvin Stoffels, Happy Jele nabanye.
UMaduka, obuyele kwi-AM maphakathi nesizini esesuka kwiMaritzburg United, uvumile ukuthi bashaye into ephansi.
"Bekuyisizini enzima ngenxa yendlela esidlale ngayo ngesizini edlule. Sikhombise izinga eliphezulu okwenze ukuthi wonke amaqembu uma edlala nathi engasithathi njengeqembu elincane. Afike ezilungiselele. Kodwa besingaqinile ngokwanele ukumela lokho.
“Sekufanele sazi ukuthi asiselona iqembu elincane. Siyiqembu bonke abantu abafuna ukulehlula. Ngakho kubalulekile ukuthi sizilungiselele kahle. Inkinga ebesinayo kule sizini wukubamba umgqigqo nokuhluleka ukuwina imidlalo emithathu kuya kwemine ilandelana okuyinto esiyenzile ngesizini edlule."