INTATHELI YESOLEZWE
IZINSIKA zeMamelodi Sundowns Ladies, u-Andile “Sticks” Dlamini noBambanani “Juice” Mbane, azigcinanga ngokuqinisekisa ukuthi iBanyana Banyana iyafinyelela emidlalweni wamanqamu we-2022 Wafcon (Women’s Africa Cup of Nations), kodwa lenze isiqiniseko sokuthi iqembu lidlala kowamanqamu.
Izinga eliphezulu lokuphaka kwezintokazi lithele izithelo njengoba zingabanye babadlali ebholeni labesifazane e-Afrika, abangene ezigqokweni sokubanga ubhedu lomdlali odle ubhedu ebholeni lesibhuda ezwenikazi (Interclub Player of the Year).
Bobabili bazobanga nabadlali abahlonishwayo ezwenikazi, ebanjengo-Evelyn Badu, waseGhana odlalela i-Alvaldsnes.
Kubaqeqeshi abazobanga ubhedu lomqeqeshi obashaye bonke amakhanda ebholeni labesibhuda, iNingizimu Afrika izomelwa nguDesiree Ellis ocija iBanyana, noJerry Tshabalala oqeqesha iSundown Ladies.
Ukumenyezelwa ngoLwesine ebusuku kwabadle umhlanganiso kuzokwenziwa emcimbini ozokuba eRabat, eMorocco.
Izintokazi bezingaqali ukuzibopha ngexhama, zabonakala emidlalweni yamazwe ase-Afrika, njengoba bezikhona futhi zibambe elikhulu iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi iSundowns Ladies inqoba indebe yomqhudelwano iCAF Women’s Champions League, yashaya iNigeria. Ziphinde zaveza ikhono lazo ngesikhathi iBanyana iqukula indebe yeCosafa Womens Championship.
Ngokolunye uhlangothi uTshabalala beno-Ellis, bazobanga nezinkunzi ezinjengoBruce Mwape waseZambia, noReynald Pedros waseMorocco.
USimphiwe Dludlu, omunye wabadlali bokuqala beBanyana abadlala kulo mqhudelwano weWafcon, uthe impumelelo yeqembu akusiyona eyeSafa kuphela kodwa nesikhungo iHigh Perfomance Centre, amaqembu abawadlalelwayo nabo bonke ababambe iqhaza ekuthuthukiseni abadlali bebhola lezinyawo labesifazane.